Izilwane ezilusizo
Phambilini bebengekho odokotela kodwa abantu bebezilapha bona ngamakhambi nangezinye izilwane ezitholakala ehlathini. Bebe nesiphiwo sokuboniswa into enhle nembi ingakenzeki futhi bebeboniswa ukuyivika nokuyilapha nokuyichiliza iseza le kude, bebekholelwa emadlozini abo nakokhokho babo – yingakho bebethi yibo abababonisa yonke lento belele. Okhokho babo bebebabonisa bebafundisa ukuze baphile.
Abafana abalusayo bebebasenhlanhlani yokufunda kwabadala konke lokhu, ngoba bekwenzeka balimale khona ekwaluseni kodwa bengabuyeli ekhaya ngoba eseyolala noma ezoya kwadokotela kodwa bebesizanakhona lapho bezingela futhi kuningi ebebefundisana kona.Nobaba abazingelayo yibo abebesiza nokubuya nezinye izilwane zokuqinisa imiziyabo kuleyomizi elula. Bebengazibulali kodwa bebesebenzisa izikhumba zaso ngoba ezinye ziyebuza ezinye basebenzise indle yazo ezinye uboya bazo.Bekuyingozi ukuzibulala ngoba bebesaba ukuthi zizophela.
Nazi izilwane:
Ingungumbane
Ingungumbane iyisilwane esincane, singaphezudlwane kancane kwenkukhu, sinemilenze emine sinekhanda elicijile sinameva umzimba wonke, sizivikela ngawo ezitheni zaso ehlathini, kodwa lameva awusizo kubantu ngoba mawugula bayawathatha ameva ayo bakutshope ngawo usinde ekuguleni, mewunomeqo uyatshopa. Aphuma kuyo enamafutha athize iwo lawa alaphayo umuntu megula kutshopwa kusuka ekhanda kuyophuma ezinyaweni ngoba mewutshope wangaqeda umzimba wonke ukufa bathi kuhlala lapho ungatshopanga khona.
Lameva alesilwane awatholakali noma kanjani kodwa abazingeli noma bafana abalusayo, mabeyibonile bayisasazela ngezinja bese kubhuduliswane inja nayo ikhiphe amamwva ayo zivikela aphume awe phansi aphumile, bese bezikhuza izinja ngoba bebengaqondile ukuyibulala bebefuna lokhu kuphela bawacoshe bagoduke nawo. Futhi njengoba bebakha noma kuphi lezizicwiyo bezibasiza ukuthi izilwane zisendle zingangeni emizini yabo besalele ngoba beyingekho iminyango bebevala ngezidwangu ngisho ebusuku belele, mabeshuqisile inhlanganisela yabo leyo nesilwane ebesithi siyozingela besizwa lelophunga bese sijika ngoba sazi ukuthi kukhona isitha saso ngapha kanti cha.
Ubhejane
Isilwane esikhulu simise okwenkomo, khona bebesebenzisa ubulongwe bayo ukwenza izihlungu, ngoba yona idla zonke izinhlobo zezinyoka bebekholelwa ukuthi inyoka inobuthi obubi manje mabethole ubulongwe babhejane bathole yonke into yokuxuba izihlungu, lezihlungu bebezikhotha ukuthi baqine mebelunywa izinyoka ehlathini bangabiwikhi noma belwa nomunye umfana angabiwikhi kunalokho amshaye amhlule.
Inyoka
Bebesebenzisa umbuzo wayo ukushunqisela izingane ezincane, isikhumba sayo mabehlangane nayo ifile bebesithatha benzele ingane incweba, ukuze inga hoshi imimoya emibi.
Inkawu
Bebe yizingela beyidla futhi bebekholelwa ukuthi kumele idliwe umuntu wesifazane oqeda kutete khona engazophaneka izinhlungu zokuthi kade eyobeletha, asheshe asukume engalokhu ewumdlezane olele, ubephekelwa anikwe isobho layo. Kuthiwa yona ingatete namhlanje kodwa uzoyibona isinwatela ezihlahleni ingenazinhlungu. Bebethatha unyawo lwayo bakwebhe kancane ingane ngoba beyiqinisa noma meyinekinga yokuhamba amadolo ayo engaqinile kahle.
Amatsheketshe
Amatsheketshe amakhulu kukhona amnyama nabomvu, atholakala eqeleni, bebethatha ingane bayihlalise kuwo uma kungavumi ihambe isidlulelwe isikhathi. Inkaba yengane ayilahlwa noma kanjani bebeya emgodini wawo babeke ininga yengane ngaphandle komgodi uma kuyeyakulesisibongo amatsheketshe beyidla kodwa mekungeyona beyiyeka ngoba phela ibekwe yilo kumelwe imukelwe abakubo bese beyibuyisele kumama wengane ayilahle yena, bebenezimfihlo.