Izinhlobo zezinkomo

Izinkomo esiZulwini zibizwa ngamagama ahlukene ngendlela ezimi ngayo noma ngombala wayo noma ukuma kwezimpondo zayo. Lapha sibuka izinhlobo zezinkomo emikhakheni yazo eyahlukahlukene. Lokhu bekucacisa futhi ngokwaziwa kwezinkomo ubukhethelo bazo nokuthi uma unaloluhlobo lwezinkomo okusho ukuthi uyindoda emadodeni futhi ubuhlonishwa impela.

Imfuyo kaZulu yayihlala esibayeni, kuthi izinkomo isibaya sazo sibe phakathi nomuzi sibiyelwe amaxhokovana ukuze imfuyo ihlale iphephile nesitha uma sihlasela singavele siqoqe imfuyo kalula sihambe singadlulanga kubanini bemfuyo. Imisebenzi yenomo yayiminingi ngaphandle nje kokuthi iyasengwa noma iba inyama. Kwakuthi uma intombazane uma iyolotsholwa, kubhekwe isibaya sendoda ukuthi simi kanjani bese kuhleshulwa khona ukuze kwenziwe ubudlelwane nobuhlobo obuhle nmndeni wakubokantombazane elotsholwayo. Kanti futhi kwakusetshenziswa ekutheni inkosi ihlabise amaqhawe ayevelele ngawo noma ixoshise lowo okhombise ubuqhawe noma ubuhlakani esizweni senkosi.

Ngenxa yokuthi kaZulu kwakutshalwa kakhulu, izinkomo zaziboshelwa ukuba ziye kolima noma zidonse isilwane esibhajiwe endaweni lapho amadoda endawo angeke akwazi ukusiza noma esethanda. Lapha ekuboshelweni kwezinkomo, ayi noma iyiphi inkomo yayivele iboshelwe, kwakuba ilezo ezase ziyizinkabi kwaziwa ukuthi zitheniwe futhi zinamandla kakhulu. Kwakulinywa ngazo, kuhudulwe izihlibhi ngazo uma kuthwelwe umthwalo omhkulu noma amanzi. Uma zisengwa, zazisengelwa khona lapha eduze kwesibaya izinkomo uma sekusengwa ekuseni noma sezibuya kodla emadlelweni.Kanti futhi izinkomo lezi zazisiza kakhulu uma sekulinywa emasimini ziboshelwe.

Nazi izinhlobo namagama azo izinkomo:
Iguqa: Inkonyane eselikhulile eselifanele ukuba ngabe kalisanceli.
Ihinikazi: Inkomo esengwa kakhulu noma ibizwa ngensengwakazi.
Ijongosi: Inkabi eskhula, ikhwangi, imboxo.
Ivukana: Inkunzi esencane eskhula.
Ilunda: Inkomo enelunda
Ithekwa: Inkunzi enobuduna obungaphelele.
Umalukazi: Inkabi noma inkomazi endala
Inyumba: Inkomo engazali.
Umswempe: Inkunzi esigugile. Kuthiwa futhi elinye ebizwa ngalo umasheqe.
Inxahi: Inkabi esithenwe isindala.
Inkunzi: Iduna elngatheniwe
Umtshezi: Umhlambi wezinkomo ezibomvu
Inkonyane: Inkomo esencene noma isindala kangakanani
Umvesho: Inkomo enkulu ekhuluphele.

By: Mbusiswa Zuma

Ubhonya: Inkomo engazali (barren beast)
Ibhonga: Inkomo esiqala ukubhonga okwenkomo
Iginqi: Inkomo ihlatshelwe ukudliwa noma ukudayiswa (beast slaughtered for selling or barter)
Iguqa: Inkonyane eselikhulile eselifanele ngaba alisanceli kodwa liyancela (old male calf which still suckles, calf that is developing horns)
Unondlini noma ihinikazi: Inkomo esengwa kakhulu ngoba inobisi oluningi (a good milking cow)
Inxahi: Inkabi ethenwe isindala (a bull constrated when it is fully grown)
Umswempe: Inkunzi esigugile (old bull)
Inkunzi: Inkomo yesilisa engatheniwe (bull)
Inkonyane: Inkomo esencane (calf)
Umtshezi: Umhlambi wezinkomo ezibomvu

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment