Umsebenzi wenziwa uma umuntu wesifazane ekhumula inzila yokushonelwa ngumkhwenyana noma ngumyeni wakhe. Uma umuntu wesifazane eshonelwe indoda yakhe abekade eshade nayo uyazila isikhathi esingangezinyanga eziyishumi nambili noma unyaka wonke enzela ukuhlonipha indoda yakhe. Nezingane ziyazila zizilela ubaba wazo kanye nabazukulu ngokunjalo. Kodwa izingane zona zizila isikhathi esifishane kunesikamama kuye ngokuthi umndeni wona ugcina siphi isikhathi.
Abanye abantu abazi ukuthi kungani kufanele umzukulu azilele kubokanina noma sewashada. Uma ngabe umuntu wesifazane azalela ekhaya ingane yakhe yokuqala bese eshada nobaba wayo ngemuva kokuthola ingane, kufanele ubaba wentombazane ayikhiphe ngembuzi leyongane emadlozini akwakhe bese abakubo bayamkele ngembuzi kwawabo amadlozi. Uma lokho ningakwenzanga leyongane isagadwe ngamadlozi akubokanina wengane. Uma kwenzeka kushonwa izozila ngoba esengeyakini.
Uma izingane zizilele ubaba wazo zivamise ukuthi zizile inyanga eyodwa ngoba kusatshelwa ukuthi izingane angeke ziyihloniphe inzila futhi akufuneki ukuthi ilahleke. Uma izingane zikhumula inzila zizogezwa ngembuzi yazo zonke, uma ngabe abazukulu bazogeza ndawonye. Umama uzozithatha izidwedwe lezi zenzilo azibeke kuyothi uma esekhumula inzila yakhe uyokushisa ndawonye. Umama uzolinda kuze kube isikhathi sasebusika ukuze akhumule inzila. Kuwumthetho omdala ukuthi inzila ikhunyulwe ebusika ngoba kusatshelwa ukuduma kwezulu kanye nesiphepho.
Kuzothi uma sekuyisikhathi sokukhumula umsebenzi uqale mhlawumbe ngoLwesithathu ntambama lapho kuzohlatshwa imbuzi. Kuthathwe umswani kanye nenyongo kufakwe ndawonye ebhakedeni noma esitsheni. Lapha kufanele kube sekukhona ingubo entsha ezogqokwa yilowo okhumula inzilo. Ngokwesiko kufanele ithengwe ngabasemzini. Kuzohanjwa kuyiwe emfuleni ohambayo, lokhu kwenziwa ebusuku. Akhumule inzila ithathwe ishiswe kanye neyezingane le ebibekiwe. Kufanele angene phakathi nomfula ageze ngomswani onenyongo phakathi kuthi uma eqeda agqoke izingubo ezintsha. Kubalulekile ukuthi umuntu aqaphelisise ukuthi inzila ishe yonke, akekho umuntu ongakwazi ukuyithatha. Ngoba inzila yakho uma umuntu eyithathile wayisebenzisa kuyingozi kakhulu. Uma eseqedile uyahamba angabheki emuva aze angene ekhaya.
Kuzothi ngosuku olulandelayo kuhlatshwe imbuzi yokubika ebizwa ngokuthi umhlahlandlela wokubika ukuthi sewenza umsebenzi wokumbuyisa ubaba wekhaya emzini wakhe noma ukumngenisa. Leyombuzi izohlatshwa ngoLwesine idliwe iphele ngoba akudingeki ukuthi kube khona inyama yayo uma sekubulawa inkomo. Bese kuthi ngoLwesihlanu ntambama kuhlatshwe inkomo. Uma isihlatshiwe inkomo kuthathwa umhlwehlwe wayo uhlanganiswe nempepho kushiswe ukubikela ubaba wekhaya ukuthi umsebenzi ngowakhe. Kufanele kubekhona notshwala wesintu kubekwe emsamo eduze kwempepho. Ukhamba luzokhishwa ngakusasa umuntu sekuyohlahlelwa inkomo.
Kuzobe sekuyadliwa emini kube sekuphela kumsebenzi. Uma kwenziwa umsebenzi ofana nalona kudingeka kube khona abantu obathembayo abangeke bakwenzele phansi. Kufuneka sonke isikhathi kuhlale kuqashiwe ikakhulukazi izinto ezifana nomkhonto, inyongo nomswane njalonjalo ekungafanele ziwele ezandleni ezingalungile.
English Summary
This article outlines the stages that should be followed when the family removes their mourning clothes after the death of the head of the family.
By: Nqobile Mdabe
Uma kushone umama wekhaya ke bayagezwa asebeshadile
Kwenziwa njani
Uma umama obeshadile ngephepha wangangena esintwini uma eseshonile umyeni uyakwazi ukuthi angazila.nokuthi.uma esezilile ukhunyulwa kanjani.nokuthi uma angizwani nabasemzini bonke uyimisa kanjani indaba uma sekunjena
Cofa lapha ukuthola ulwazi: Inzilo