The worship of dead in Durban

Offerings to the dead The worship and tribute to the dead especially our loved ones is a patriotic act that runs across all cultures and tradition through out the world. Durban is home to various cultures with their own unique ways of paying tribute to the dead, the souls that have passed on. However, different … Read more

Ukwenziwa Kweminye Imisebenzi Yabangasekho Ekhaya

Izimpawu Zokuthi Kufanele Kwenziwe Umsebenzi Ziningi izimpawu abantu abakholelwa kuzona ukuthi zivela kwabaphansi njengokuthi: Umuntu ongasekho ubefika ngephupho emndenini wakhe uma esefuna umsebenzi lowo noma kukhona afuna ukukukhuluma nabo. Isikhathi esiningi ufika acele itiye, omunye athi ulambile omunye uma washona wangatholwa achaze ephusheni ukuthi ulaphi, noma ngabe uzobaxwayisa ngesehlo esingabavelela okubi noma okuhle. Kokunye uma … Read more

Ukwenziwa Komcimbi Wokujikijela

Ukwenza imicimbi nemisebenzi kuyingxenye yesiko lesintu futhi into eyaziswayo kakhulu ngenxa yokuthi umbiko nesizathu sayo lemisebenzi inokuxhumana nabadala ukudlulisa umbiko othize. Lemicimbi ngokujwayelekile ihambisana nokuhlaba nokugaywa kotshwala bese umcimbi nomcimbi noma umsebenzi owenziwayo usuke udinga umndeni ubambisane ukuze leyonto eyenziwayo yamukeleke kumathonga. Uma kade umnumzane wasekhaya eshone engazwani nabafowabo, lomcimbi awukwazi ukwenziwa ngoba uzosuke ube … Read more

Imikhuba Yabantu Elandelwa uma Kushoniwe

Umngcwabo uyakwazi ukuthi uhlehliswe uma kunezinkinga ekhaya. Umuntu ubengcwatshwa amalunga omndeni engekho ngoba bebengamhlalisi isikhathi eside, labo abangekho bebephonsa itshe uma sebefikile. Umuntu ozilile uyakwazi ukuthi ayikhumule inzila uma sekufike isikhathi sokuyikhumula kodwa engenayo imali yokwenza umsebenzi omkhulu. Kodwa akufanele ishiswe umsebenzi ungakenziwa. Uma umuntu ezilile uyakwazi ukuyikhumula uma engaphilanga, ngoba kuthiwa iyacindezelana futhi akudingeki … Read more

Kungabe umuntu ongayigqokanga inzila kufanele yini ayikhumule ngokwesiko

Thina bantu abamnyama noma aMaZulu sazi ukuthi umuntu uma ehanjwelwa yilunga lomndeni kufanele azile kodwa kuya ngokuthi ubani oshonile ngoba kunezigaba zakhona ezahlukene. Njengokuthi uma kushone inhloko yomuzi unkosikazi ugqoka inzila isikhathi esingangonyaka, uma kushone umamezala noma ubabezala kuba yisikhathi esifishane futhi ufaka okusaphinifa kanjalo noma kushone ingane kuba yisiphika esibekwa emahlombe. Lapha sibheka kakhulu … Read more

Isiko Lokuzila uma Kukhotheme Inkosi Noma Umuntukazana

Makhosazana Mdabe Ziningi izindlela abantu abazilandelayo uma kukhona umuntu odlulile emhlabeni noma oshonile. Lezindlela zihlukene ngokuthi umuntu ukholelwa kuphi njengamaKrestu alandela eyawo indlela, aMaNazaretha nawo alandela eyawo kanye nabanye abantu. Contents 1 Uma Kukhotheme Inkosi 2 Uma kushone umuntu(kazana) 3 Ngosuku lomngcwabo 4 English Summary Uma Kukhotheme Inkosi Ngosiko laKwaZulu akushiwo ukuthi inkosi ishonile kuthiwa … Read more