Ngokwesiko lesiZulu kulihlazo ukutholakala komntwana ngaphandle komshado. Uma kwenzekile intombazane yamthola yabe isiba neshwa lokuthi umntwana adlule emhlabeni noma aphuphunyelwe isisu, kumele intombazane igezwe kususwe ithunzi elibi. Uma ingagezwanga kunenkolelo yokuthi iba namabhadi ingalungelwa lutho empilweni, konke ekuzamayo akuphumeleli ngenxa yesinyama esuke ihamba naso.
Kugezwa kanjani
Intombazane kufanele igezwe kubo kamfana oyikhulelisile kuqala, iphinde igezwe kubo kwayo abazali bayo. Kuvutshelwa utshwala besintu kushiswe nempepho kuhlatshwe imbuzi kutshelwe abalele ngokugezwa kwentombazane leyo. Kuthathwa umswane uhlanganiswe nenyongo kanye namanzi abandayo bese kuthi ekuseni ntathakusa intombazane egezwayo iyavuka iyogezela ngaphandle komuzi noma iye emfuleni ohambayo. Izingubo ezindala ebikade izigqokile ayibe isazigqoka kodwa igqoka ezintsha. Ziyashiswa noma zibekwe lezo ezindala kodwa akaphinde azisebenzise, intombazane ibe isibuyela ekhaya. Inyama yembuzi kufanele idliwe iphele ngalelolanga ingasali. Inyama yokugeza uma kade kushoniwe ayiphisani ngoba ingeyesifo, futhi akumenywa muntu kodwa idliwa umndeni, abantu bangazifikela bona ukuzoyidla ngaphandle. Intombazane ayivumelekile ukuba idle lenyama.
By Bongiwe Ndlovu
Source: Mnu. Mpiyakhe Myeza, Umbumbulu
Ngicela nisifakela neyokusentshenziswa komswane uma kukade kuushoniwe
kwenziwani uma intombazane ithandana nomuntu oshonelwe . futhi lowo mfana sewuyekwe abafazi abathathu
Ngijabule kakhulu ukudibana nalolulwazi olusikhulisayo siyisizwe nginesifiso sokuba yinxenye yalesisigungu
Ungaba yinxenye, sicela ulandele le-link https://docs.google.com/forms/d/e/1FAIpQLSf5qsZ1ctNwEYhylTTpcTROtHXk2hfPJ95L2wvEeLsHrZpZFQ/viewform?usp=sf_link