Usiko Lokugezwa Kwentombazane Eshonelwe

Ngokwesiko lesiZulu kulihlazo ukutholakala komntwana ngaphandle komshado. Uma kwenzekile intombazane yamthola yabe isiba neshwa lokuthi umntwana adlule emhlabeni noma aphuphunyelwe isisu, kumele intombazane igezwe kususwe ithunzi elibi. Uma ingagezwanga kunenkolelo yokuthi iba namabhadi ingalungelwa lutho empilweni, konke ekuzamayo akuphumeleli ngenxa yesinyama esuke ihamba naso. Kugezwa kanjani Intombazane kufanele igezwe kubo kamfana oyikhulelisile kuqala, iphinde igezwe … Read more

Ukuqanjwa Nokugqokiswa Kwengane Engasekho

Kunemikhuba elandelwa noma eyenziwa ngabantu ngenxa yezinkolelo zabo ezintweni ezithile. Lemikhuba isikhathi esiningi abantu bayiphambanisa noma bayibiza ngokuthi amasiko abo. Lapha sikhuluma noma sibheka umkhuba wokuqanjwa kwegama nokugqokiswa kwengane eseyadlula emhlabeni. Lomkhuba ujwayeleke ukuthi wenzelwe ingane eshone ingakazalwa noma kuphuphume isisu. Lokhu kwenziwa ngabantu abasuke benezinkinga base befuna usizo lwabantu ababonayo balulekwa ngokuthi kufanele benze … Read more