Izimpawu Ezenziwa Umuntu osezoshona

Ziningi izimpawu abantu abakholelwa kuzona ezenziwa umuntu uma esezoshona noma esezodlula emhlabeni. Lezimpawu zibonkala kakhulu uma umuntu egula ngoba abomndeni baba nesikhathi bemnakekela. Lezimpawu ziyabonakala kwabadala nasezinganeni. Kuningi okushiwoyo ngabantu abasuke sebegula futhi bekhombisa ukuthi sebezohamba emhlabeni. Futhi kunezinkolelo eziningi ngomuntu ogula isikhathi eside engasindi kodwa futhi engadluli emhlabeni. Laba kuyaye kuthiwe imisebenzi emibi abebeyenza … Read more

Izigaba zokuzila ngokuhlukana kwazo

Umfelokazi umuntu wesifazane osuke eshonelwe ngumyeni wakhe owamlobola ngezinkomo wagcagca. Ziningi izinto azihloniphayo noma azigwemayo ukuze angadlebeleki noma angadluli uma kusashoniwe, njengokuya ensimini ezilile nokungena esibayeni nenzilo noma ukuya emfuleni emini, umama ozilile uya emfuleni noma emthonjeni selithambeme ilanga. Uma kuhlangene abantu bebaningi endaweni eyodwa njengasesontweni uhlaliswa ngemuva noma ekugcineni ngoba akufanele kubekhona umuntu ngemuva … Read more

Imiyalezo evela kwabaphansi

Ukuphupha utshwala besintu, imvamisa busuke bufuneka ukuthi benziwe ekhaya ngoba ezikhathini zakudala lwaluyinto ebihlala yenziwe ekhaya bekuthiwa ukudla kwabamnumzane. Kwakunenkolelo yokuthi utshwala bekungafanele buphele ekhaya futhi kwakulula ukuthi buhlale bugayiwe ngoba ummbila babezitshalela bona owokwenza imithombo yamabele esetshenziswa uma kugaywa utshwala. Kwakubalulekile ukuthi uma ubaba ebuya emasimini afike azishayele umancishana wakhe uma eseziphumulele ekhaya ngaphansi … Read more

Imithetho Yokuhambela Imindeni Eshonelwe

Ezikhathini zakudala kwakungavamisile ukuthi kushonwe njengoba sekushonwa manje. Uma kwenzeka kwakuqabukela kushoniwe kulesosigodi futhi uma nje kwenzeka kwaba abantu ababili emizini ehlukene kwakuba indaba enkulu kubatshazwe noma kukhuzwe umhlola uma besho abantu abadala kwakukhuzwa ibhadi kukhalwe isililo esikhulu. Abantu bakuqala babeyisaba into ekuthiwa yibhadi kanye nomkhokha. Angiphathi khona uma kushone ingane kwakubatshazwa kakhulu ngoba kwakunenkolelo … Read more

Ukunikezelwa Komkhonto Kunkosana

Kunesiko elenziwayo uma kushone umnumzane wekhaya, lolusiko luphathelene nokuthi ubani okufanele aphathe umkhonto ngosuku lomgcwabo nokunikeza amandla umuntu osezophatha izindaba zomndeni. Lelisiko lijwayelekile emiphakathini esakholelwa ezintweni zesintu kanti uma kufihlwa uMnumzane ngokwenkolo yobuNazaretha kujwayeleke ukuba kube yihawu nobhoko. Kuyehluka ukwenziwa kwehlambo nesikhathi elenziwa ngaso ngokwemindeni. Abanye balenza ngemuva kwezinyanga ezintathu abanye balenze ngemuva kwezinyanga eziyisithupha. … Read more

Ukugezwa kwamanxeba kumuntu osewashona

Amaphupho ayingxenye yempilo kubantu abaningi. Futhi ancikene kakhulu nemiyalezo evela kwabangasekho noma ayindlela yokuxhumana nalabo abasaphila. Lapha sibheka ukugezwa kwamanxeba omuntu owalimala esaphila emhlabeni kodwa wasinda wase ezidlulela ngokugula noma ngendlela ejwayelekile hhayi ngokulimala lokho kwakhe. Ziningi izindlela iphupho elingafika ngalo njengezikhathi elifika ngazo nokuthi liyabelesela yini. Uma kuyiphupho elifika njalo futhi lifana kusuke kufanele … Read more