Izibongo zeNkosi uKusakusa kaZwelinjani

Lezi yizibongo zeNkosi uKusakusa waseMbo. Usophikaswe ithole eliphikwe abaMbo Bathi bangebuswe iwundlu Ingonyama ibidl’ amabele Bakuzonda muMbo Bayakudla bayakuphephetha Kufanele ukhule ubengangezintaba. Umthente ohlub’ usamila wakithi esiMahleni Unonkokheli okhokhel’ abaMbo behlwathiza Owan’ umlilo osha kwandaya, Naba bebasa izwe loyihlomkhulu Wawubhula ndaba kwaze kwakhalaInduna yasemgangeni uPosi wakwaNdaba. Uthi ulixoki namaxoki asoCengeni ayizwile, Indaba yenkosi ethand’ uxolo, … Read more

Isibongo sakwaShezi

Shezi Dlaba Dlaba kamavulane Owavul’ inkandla ivaliwe Dludl’ odl’ imihlambi yamadoda, Abadludlayo bayaceba, Udlab’ akadleli phansi,  Udle’ edlodlweni Abanye bedlela phansi. Izithakazelo zisuselwa esibongweni esithile njengoba nezibongo zisuselwa emagameni abantu. Izithakazelo ziwumlando wesibongo ngasinye. Kuyenze isithakazelo sifane nesibongo sakomunye umuzi lokhu kuchaza ubuhlobo. Abantu abahlobene abaganani.  English Summary Most African surnames have clan praises. Some … Read more

Amahubo esizwe saseMbo

EsiZulwini isizwe esingenalo ihubo, sisuke sizifanela nesizwe esifile. Njengoba namanye amazwe emhlabeni enamahubo esizwe. Amakhosi ezizwe saseMbo nawo ngokwahlukana kwawo abanamahubo awo. Amahubo ahlanganisa nezibongo zenkosi kusuke kuqoshwa umlando wesizwe. Ihubo ngalinye liyacacisa ukuthi laqanjwa nini, kwakubusa yiphi iNkosi futhi kwakuhlosweni ngalo, okungaba okwakukhathaza isizwe noma kwakutuswa okuthile.  Amahubo  aseMbo aqala emahubeni eyehutshwa ngesikhathi kubusa … Read more

Amagama esintu okubizwana ngawo

IsiZulu wulimi olujulile futhi ngendlela olunonophele ngayo luze lubonakale nasendleleni esibizana ngayo ukuveza inhlonipho nezinga lalowomuntu esisuke sikhuluma ngaye noma naye ngalesosikhathi. Amagama okubizwana ngawo aveza ubulili, ubudlelwane obakhekile, nalowo obizwayo ukuthi isikhundla anaso noma ingxenye anayo emndenini noma emphakathini. Lezindlela zokubizana zazidala ukuhloniphana, ukubumbana nokuthandana kubantu. Kwenza ukusondelana kwabantu ngemindeni nangokuzalwa kokulamana futhi. Lamagama … Read more

Ucu

Ucu lwakhiwe ngobuhlalu obumhlophe, liwubufakazi emaqhikizeni ukuthi intombi isize yahlulwa insizwa ngamawi noma isiqomile. Insizwa uma ishela intombi yayilindila emfuleni lapho intombi ikha khona amanzi. Lokhu kwakungathatha isikhathi eside, lapho intombi isivuma khona insizwa ithatha umgexo noma ibhengela lentombi iyokhombisa amaqhikiza ayo. Ngemuva kwalokho intombi yilapho kufanele yakhele insizwa ucu. Insizwa iyaluthatha ilugqoke noma ubuchome … Read more

Izibongo noma Ukubongela Umuntu

Izibongo noma ukubongela umuntu ngokwesintu yindlela yokutusa noma ukuncoma, noma ukugqamisa izenzo zalowo ophakanyiswayo noma osuke ebongelwa. Izibongo zihaywa kusukela emizweni yalowo osuke ezisho, ziqhakambisa okuhle nokutusekayo osekuwele esweni, enhliziyweni nasengqondweni lakhe. Izibongo ziyisithombe somuntu esihlala simbuka ngazo noma yena esabamathambo amhlophe. Izibongo zingahlukaniswa izigaba ezimbili. Kukhona izibongo ezibonga umuntu, isilwane noma. yinto engaphili njengemvelo … Read more