Izibongo noma Ukubongela Umuntu

Izibongo noma ukubongela umuntu ngokwesintu yindlela yokutusa noma ukuncoma, noma ukugqamisa izenzo zalowo ophakanyiswayo noma osuke ebongelwa. Izibongo zihaywa kusukela emizweni yalowo osuke ezisho, ziqhakambisa okuhle nokutusekayo osekuwele esweni, enhliziyweni nasengqondweni lakhe. Izibongo ziyisithombe somuntu esihlala simbuka ngazo noma yena esabamathambo amhlophe. Izibongo zingahlukaniswa izigaba ezimbili. Kukhona izibongo ezibonga umuntu, isilwane noma. yinto engaphili njengemvelo isibonelo umuntu abongele izintaba zangakubo. Ezinye izibongo ezibonga uhlobo lomuntu uma enesikhundla esiphuzulu emphakathini noma isizwe esinesibongo esithile lezi zibongo zibizwa ngokuthi yizithakazelo.

NgesiZulu sakwaMalandela, iqhawe liyabongwa. Eqinisweni akubongwa umuntu ngoba eyinkosi kuphela kepha kubongwa imisebenzi nokubaluleka komuntu emphakathini. Izibongo ziqanjwa ngezehlakalo kanye nezigigaba ezithile ezehlakalayo empilweni yomuntu othile. Izibongo zikubeka obala ukuthi uyisihlabani, uyigwala noma uyisahluleki. Izinsizwa zibongela ngisho izikhali zazo njengewisa noma isagila, isikhwili nehawu. Lezizikhali zibalulekile ezimpilweni zabantu ngoba ziyabavikela ezitheni abasuke bebhekene nazo.

Ukubongela izilwane
Abafana ekwaluseni abagcini ngokubongelana bodwa kepha yilowo nalowo ubongela inkunzi yakubo, ngisho nezinja imbala ziyabongelwa ikakhulukazi ezokuzingela. Zintathu izinto ezigqamayo uma kuhlaziywa izibongo. Ekubongeleni umuntu kutholakala ukutusa nokuphakamisa. Obongwayo ufaniswa nazo zonke izinto ezinhle, ezitusekayo, ezesabekayo, ezizomakhela isithunzi nogazi kanye nokuhlonipheka. Izibongo zisitshela kabanzi ngobunjalo nangokubukeka kwalowo obongelwayo. Uphawu olusendikimbeni yezibongo, wumlando. Kuvela okuningi okwenzeka ngesikhathi lowo obongelwayo esaphila noma ayekwenza. Kuchazwa kabanzi ngezigigaba zokuhlabana nokunqoba kwakhe. Uma kuyinkosi kuvezle nesimo inkosi eyayibusa ngaphakanzi kwaso.

By: Sbo Dladla

Leave a Comment