UProfessor ushaya ibuya

EThekwini- UProfessor ubuye nengoma entsha esihloko “Ezangakini”. Kule ngoma eyi-Afro-House uhlanganyele kuyo noSun-EL Musician kanye noShwi. UProfessor ubuya nje bese kuyisikhathi esingaphezu konyaka engakhiphile okanye esathathe ikhefu. UProfessor obuye aziwe ngoMkhonzeni Langa ogqamuka elokishini eMlazi, waziwa kakhulu ngomculo weKwaito. Waqala ukuduma kwezomculo esacula ndawonye noTzozo beliqembu ngaphansi kweKalawa Jazmee Records kepha bezinze eThekwini. Bakhipha ama-album … Read more

Uhlonyuliswe ngeGrammy Award uBlack Coffee

Umculi odume kakhulu eNingizimu Afrika kanye naphesheya kwezilwandle uMnu Nathi Maphumulo odume kakhulu ngelika Dj Black Coffee uzithole eseqopha umlando ngokuhlonyuliswa ngendondo yeGrammy. Umcimbi wezindondo zamaGrammy zibanjelwa ezweni lase Melika “United States of America” kanti ke lapho kusuke kuhlonyuliswa abenze kahle emculweni futhi umculo wabo othakaselwa umhlaba wonke jikelele. Lokhu kusho ukuthi umsebenzi kaNathi Maphumulo … Read more

Umncintiswano weZulu Dance

UShaka Marine World uhambisana noMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko isingathe iZulu Dance Competition ethathe izinsuku ezintathu kulempelasonto ende esiphuma kuyo. Lo mncintiswano obubophele amaqembu aqhamuka ezindaweni ezahlukene ubuyigxenye yokuthuthukisa amaciko. Kusukela ngoMgqibelo ngomhlaka-30 Aphreli 2022 amaqhembu esine adedelana kuhlungwa  azoqhudelana ukuwina ikontileka yonyaka wonke yokusebenzisana ne-uShaka Marine World. Zingenile izinsizwa nezintokazi zayabhikla ingoma. Kumaqembu awu-6 afinyelele … Read more

Iqophe ingoma imeya yeTheku-MTK – Vuka M’ntomusha

Ukhiphe iculo lohlobo olubizwa ngokuthi ama -Piano usodolobha womkhandlu weTheku. Indaba esematheni kulezinsuku iyona lena yokuthi uMnumnzane Mxolisi Kaunda ongumeya wedolobha iTheku ukhiphe ingoma entsha. Kuyimanje abahlali base Thekwini abawuvali umlomo ngesenzo semeya. Imeya yenze into engakaze yenziwe phambilini ukuthi umuntu ongumholi womkhandlu akhiphe icwecwe ikakhulukazi lomculo omusha ofana nama-paino. Loluhlobo lomculo luthandwa kakhulu yintsha … Read more

Big Zulu ushun’ wenkabi

UnguSiyabonga Nene odume ngelika Big Zulu ocula irap/hip hop, abhale izingoma aphinde abe ngumlingisi. UBig Zulu ongowokuzalwa eBergville, KwaZulu Natali usezinze eGoli. Uthando lwakhe lomculo lwaqala kumculo kaMaskandi nesiCathamiya, ngaphambi kokuba abe umculi wayeshayela itekisi okungenzeka igama lenkabi athanda ukulisebenzisa walithatha kukhona. Yize leligama livame ukuhlanganiswa nabazingeli/ababulali abathengwayo uBig Zulu uselenze lajwayeka ngendlela ehlukile, njengoba … Read more

Ama-hits kaRiky Rick

Ukuhamba kuka Riky Rick kuthuse abaningi. Kuningi akwenze ngesikhathi esincane asiphilile. Baningi futhi nabebethola ugqozi ngomsebenzi wakhe kanye nangendlela abezikhandla ngayo. Leliciko laziwa ngisho phesheya kwezilwandle ngenxa yendlela abezikhandla ngayo. Okujabulise kakhulu ngisho nomndeni wakhe ukuthi ubehlonishwa esaphila ngamagalelo akhe. Futhi ubethandwa kakhulu enenqwaba yabalandeli abathakasela umculo wakhe. Ngisho nezinkampani ezinkulu bezisebenzisana naye ukukhangisa izinto … Read more