UProfessor ushaya ibuya

EThekwini- UProfessor ubuye nengoma entsha esihloko “Ezangakini”. Kule ngoma eyi-Afro-House uhlanganyele kuyo noSun-EL Musician kanye noShwi. UProfessor ubuya nje bese kuyisikhathi esingaphezu konyaka engakhiphile okanye esathathe ikhefu.

UProfessor: musicinafrica.net

UProfessor obuye aziwe ngoMkhonzeni Langa ogqamuka elokishini eMlazi, waziwa kakhulu ngomculo weKwaito. Waqala ukuduma kwezomculo esacula ndawonye noTzozo beliqembu ngaphansi kweKalawa Jazmee Records kepha bezinze eThekwini. Bakhipha ama-album amathathu ndawonye ngaphambi kokuphuma eqenjini azimele yedwa. Kusukela ngo-2010 wakhipha i-album yedwa yokuqala ethi “University of Kalawa Jazmee” eyiqhukela izingoma ezaduma kakhulu singabala “Jezebel”, “Lento”, “Imoto” kanye “Jimaphi le weight”. I- album yakhe yesibili ethi “Orientation” ingoma eyahamba phambili ethi “Fingerprints” eyabe ihamba nezinye singabala ezithi “One Night Stand”, “Baphi”. Lezi ngezinye zezingoma zakhe ezaduma kakhulu ecula ngokubambisana nabaculi abaningi abahlukene.

Kule ngoma ethi “Ezangakini” uSun-El Musician (Sanele Sithole) ongu DJ aphinde abe nguprojusa nombhali wamaculo. uSun-El Musician ohlanganisa imicu (sound) wenza adume ngakho. UShwi okubikwa ukuthi usehlukene nozakwabo abecula naye beyiqembu likamaskandi iShwi noMntekhala, wenza ezibukwayo ngephimbo lakhe.  Lengoma kubukeka sengathi izoba ngenye yezingoma ezidlalwa kakhulu emcimbini njengomshado nomembeso njengoba ithinta eyokukhetha kwezothando.

Article Overview

After a long break from releasing new music Professor has made a come back with an afro-house single titled “Ezangakini” featuring Sun-El Musician and Shwi. Mkhonzeni Langa known by his stage name, “Professor”, is a well-established artist who has given us hits songs over the years including “Jezebel”, “Fingerprints” and “Baphi” to mention a few. This new single is well received. It is all about love so should be among the songs played in ceremonies like weddings.