Bhekumuzi Luthuli

UMadlanduna ngenye yamaciko amadala angasekho eyibekile induku ebandla emculweni wesuntu ngoba phela umculo wakhe ubuhlabahlose kuwo wonke umuntu. Umculo kamfokaMolo ubuthandwa abancane, amabhungu nezintombi ngisho nezaguga namaxhegu imbala ngoba ubuhlukile futhi unomlayezo. UBhekumuzi Luthuli wazalwa ngomhlaka 13 Ephreli 1961, Kwa-Maphumulo budebuduze nje nedolobha Stanger, kwaZulu Natali. UBhekumuzi ungamanye amaciko abedume kakhulu. Uqale umculo wesintu ngesiginci … Read more

Kwethuse abaningi ukwedlula emhlabeni kuka Riky Rick

URikhado Muziwendlovu Makhado, obedume ngelika Riky Rick uzalwa endaweni yakwaMashu, ngomhlaka 24 Julayi 1978. Ubengumuntu obephiwe kakhulu ngoba ubengagcini ngokucula iRap kodwa ubephinde abe ngumlingisi, ngumbhali wezingoma, usomabhizinisi, abe kwingqephu, akhangise futhi ubene nkampani yakhe yomculo ebizwa ngokuthi Cotton Club Records. Ingoma yakhe ethi, “Nafukwa” ayikhipha ngonyaka ka-2014 iyona eyenza abantu banake ikhono lakhe. Ngonyaka … Read more

Ukunqoba kukaBig Zulu

Akusajwayelekile ukubona iciko elicikoza ngolimu lomdabu luzidlela amahlanga kumncintiswano wohlobo lomculo olubizwa ngokuthi yiHip Hop eNingizimu Afrika njengoba sekugcwele kakhulu amaciko acula ngolimu lwesingisi. Kube ingqophamlando ukuthi uBig Zulu ocula ngesiZulu azidlele amahlanga ngokuhlabana ngezindondo eziyisikhombisi kwakade eqokwe kuzona. USiyabonga Nene ongowokuzalwa eBergville odume ngelika Big Zulu uyiciko elihluke kakhulu kwamanye acula lolu hlobo lomculo … Read more

Izingoma Zokuhlukanisa Unyaka

Ngomhlaka 31 Disemba minyaka yonke kuba nezingoma ezivotelwa ukuba eyodwa yazo ihlukanise unyaka. Iningi labantu lithamela uKhozi FM ukuzwa ukuthi iyiphi ingoma ezodla umdlanganiso. Abalaleli babanethuba lokuvotela izingoma amazithandayo ohlwini lweTop 10.   Izingoma ebezihamba phambili nebezivotelwa kulonyaka ka-2021 ilezi: Adiwele- Young Stunna, Kabza de Small Osama- Zakes Bantwini, Kasango Khula- Gallo no Bell, Nisani … Read more

Ubumbano lwamaciko

Sekuyisona mthandi womculo wesintu leso sikhathi sokuthi abantu babheme bakholwe ngemicimbi wokuvala unyaka kaZibandlela esuke ihlelwe abahleli bemicimbi yesintu. Sikhuluma lezindaba nje babheme bakholwa abathandi womculo wesintu abahlala KwaMashu namaphethelo. Phela KwaMashu bezisina zidedelana emcimbini obizwa ngokuthi Ubumbano lwamaciko njengoba bekufike amaciko ahlukahlukene ezodlalela abantu. Ukubuya kwemicimbi ekanjena kubuyisa ithemba ikakhulukazi kumaciko nakubathandi balo mculo … Read more

SIP Isicathamiya Music Awards 2021

Kulempelasonto sithi “cothoza mfana” sikunjalo. Ngomgqibelo abathandi bomculo wesicathamiya bazobe behlangene eBAT Centre kumaSIP Isicathamiya Music Awards.  Ingwazi kulomculo wesicathamiya uDkt Victor Mkhize weColenso Abafana Benkokhelo uzokonyeliswa ngeLifetime Achievement Award. Lomqhudelwano wezindondo (awards) ubamnyaka yonke. Kulonyaka, ongumsunguli walo mqhudelwano uthe uMkhize uqokwe ngenxa yegalelo lakhe ekuqhakambiseni umculo wesicathamiya emazweni angaphandle. Ngokusho kukaSaziso Dlamini weSIP Music … Read more