UShaka Marine World uhambisana noMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko isingathe iZulu Dance Competition ethathe izinsuku ezintathu kulempelasonto ende esiphuma kuyo. Lo mncintiswano obubophele amaqembu aqhamuka ezindaweni ezahlukene ubuyigxenye yokuthuthukisa amaciko.
Kusukela ngoMgqibelo ngomhlaka-30 Aphreli 2022 amaqhembu esine adedelana kuhlungwa azoqhudelana ukuwina ikontileka yonyaka wonke yokusebenzisana ne-uShaka Marine World. Zingenile izinsizwa nezintokazi zayabhikla ingoma. Kumaqembu awu-6 afinyelele kumnqamula juqu kukhethwe amaqembu awu-4 azothola inkontileka yokusebenza e-uShaka Marine.

Amaqembu awinile ilawa Ithemba lamanomo, Emzini Art Youth Production, Kangaroo kanye neSouth African Jinge. Yize noma kungajwayelekile ukuthi angabi khona ophuma phambili (unamba-1) uma kunomncintiswano kepha lesinqumo sibuka abaningi ethumbeni lokuzuza kulo mncintiswano.
Lo mncintiswano ubuhanjelwe izinqalabutho kwezomculo ubaba uMadala Kunene kanye nobaba uZibokwakhe “Phuzekhemisi” Mnyandu ocule amanoni ezingoma zakhe singabala “Imbizo” ne “Inkunzi Kabhejane”.
Article Overview
uShaka Marine World in partnership with the Department of Sport, Art and Culture hosted a uShaka Zulu Dance Competition this previous long weekend. The competition lasted three days as the selection process started on Saturday with a finale on Monday the 2nd of May 2022. Out of the six groups that were in the final, four were selected as the winners of a one-year contract at uShaka Marine. The competition had special musical performances from Madala Kunene and Phuzekhemisi.