UnguSiyabonga Nene odume ngelika Big Zulu ocula irap/hip hop, abhale izingoma aphinde abe ngumlingisi. UBig Zulu ongowokuzalwa eBergville, KwaZulu Natali usezinze eGoli. Uthando lwakhe lomculo lwaqala kumculo kaMaskandi nesiCathamiya, ngaphambi kokuba abe umculi wayeshayela itekisi okungenzeka igama lenkabi athanda ukulisebenzisa walithatha kukhona. Yize leligama livame ukuhlanganiswa nabazingeli/ababulali abathengwayo uBig Zulu uselenze lajwayeka ngendlela ehlukile, njengoba i-album yakhe ayikhipha ngo-2018 isihloko sayo sithi ‘Ushun Wenkabi’, kwezomculo.
UBig Zulu noma eseneskhathi kwezomculo uke wasematheni ngemuva kokuthi ingoma yakhe esihloko esithi ‘Imali eningi’ idlale kuvideo kaDuduzani Zuma ezikhundleni zokuxhumana okwaholela ekutheni ithakaselwe kakhulu. Selokhu aqala kwezmculo weRap usesebenze nosazowayo abaningi kulomkhakha singabala uSjava, Kwesta, Cassper Nyovest, Riky Rck kanye nabanye. Uphinde abe nekhono lokulingisa ngengoba eseke waba ingxenye yama soapie ahamba phambili kuleli anjenge Isibaya, Uzalo kanye ne-Isithembiso. UBig Zulu uphinde abe inxusa (ambassador) yebrentwood ethandwa kakhulu izinsizwa zaMaskandi.
Ngempelasonto yamhlaka 10 Agasti 2021 uBig Zulu noKhuzani ocula uMaskandi bahlanganise umdlalo webhola lezinyawo kwayiqembu leHip Hop vs Maskandi ebelivezwe bukhoma ezinkundleni zokuxhumana uFacebook naku YouTube. Ngokubeka kukaBig Zulu lomdlalo ubungowokunandisa uphinde uveze ngokusabala ukuthi ngobani omphetha kulemikhakha (hip hop noMaskadi) yomculo. Iqembu leHip Hop libophele osaziwayo singabala uZakes Bantwini, Kwesta, Sjava, Riky Rick, Reason, Sho Madjozi ukubala abambalwa. Kanti nekaMaskadi libophele kukhona uNtencane, Inkosi yamagcokama, Mzukulu, Tshatha, Ngiga, Njoko kanye nabanye. Iqembu lakhe uBig Zulu lawina kuma penalty ngo 4-3, abalandeli bomculo bonise bawuthakasela lomdlalo ngokuphawula kwezokuxhumana. lokhu kwaveze ukubambisana nobudlelwano obuhle phakathi kwabaculi abahlukene. UBig Zulu ongomunye otshengisa ukuthi ukuzimisela nokuphokophela kubalulekile, waqala eshayela itekisi manje usengumculi werap owaziwayo.
Brief Overview
Big Zulu, whose real name is Siyabonga Nene, is one of the well-known Rap/Hip Hop artist in the country. He started his journey as a taxi driver before making it in the music industry. He has worked with many artist such as Kwesta, Riky Rick, Sjava, Cassper Nyovest to mention a few. He is an ambassador for Brentwood, a well-loved trouser brand among the Maskandi fans. Big Zulu, together with Khuzani, initiated a Maskandi vs Hip Hop soccer game to prove who is the best team among the two genres. This entertainment initiative proved to be well received by fans as it showed friendship and love among different artists.

Zama Khoza is a Zulu content generator and media and communications researcher. She holds an Honours degree in Cultural and Media Studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).