Ukuhlinzwa kweNkomo III
Kulamakhasi adlule (lapha nalapha), kuvezwa inkomo ihlatshwa, yethiwa igcine ngokuhlinzwa kwayo. Okwehlukile kuleli khasi kulawa amanye ukuthi lapha ivezwa isihlinziwe futhi isihlahlelwa esibayeni. Emva kokuba inkomo ihlatshiwe yahlinzwa yaqedwa, ihanjiswa exhibeni la ebekwa khona. Okubalulekile ukuthi sikuveze la ukuthi inhloko yona ihlahlelwa ngelanga elilandelayo, okuyilanga lomcimbi nqo! Nokuyilapho ekhishwa khona exhibeni ngogqoko noma isithebe bese … Read more