Ukuhlahlelwa kweNhloko

Sikubeke obala ukuthi inhloko ihlahlelwa ngelanga elilandela elokuhlinza. Ngakusasa ekuseni umhlahli uyabuya esezoqedela. Ngokujwayelekile inkomo ihlahlelwa esibayeni, kodwa ke esikhathini samanje sebekushintshile lokho, nangaphandle isiyahlahlelwa. Ngaphambi kokuba umhlahli aqale ukuyihlahlela, uqala ngokuhlamba izandla, aqale ngokuhlahla inhloko, nakho okuzikhonjiswa kuleli khasi. Uqala ngokuhlinza isikhumba sayo inhloko, alandelise ngokukhipha isikhanda, bese kuthi ubuchopho bayo bulahlwe noma kunikwe … Read more

Ukuhlinzwa kweNkomo III

Kulamakhasi adlule (lapha nalapha), kuvezwa inkomo ihlatshwa, yethiwa igcine ngokuhlinzwa kwayo. Okwehlukile kuleli khasi kulawa amanye ukuthi lapha ivezwa isihlinziwe futhi isihlahlelwa esibayeni. Emva kokuba inkomo ihlatshiwe yahlinzwa yaqedwa, ihanjiswa exhibeni la ebekwa khona. Okubalulekile ukuthi sikuveze la ukuthi inhloko yona ihlahlelwa ngelanga elilandelayo, okuyilanga lomcimbi nqo! Nokuyilapho ekhishwa khona exhibeni ngogqoko noma isithebe bese … Read more

Ukuhlinzwa kweNkomo II

Kulamakhasi amabili adlule (lapha nalapha) sibhunge ngendaba yokuhlatshwa kwenkomo, ukuhlinzwa kwayo kanye nokwabiwa kwayo, siphinde sakubeka obala ukuthi kuneminye imibukiso eseza mayelana nakho ukuhlinzwa kwenkomo. Kulelikhasi ke, sikhombisa omunye umbukiso wokuhlinzwa kwenkomo, iphinde ihlahlelwe ibandla esibayeni kwaLanga ngenkathi kunomcimbi weHlambo. Lana siveza inkomo yethiwa umnumnzane, kanye nebandla seliqala ukuhlinza, likhipha nesikhumba sayo inkomo, njengoba kubekiwe … Read more

Ukuhlinza Inkomo

Uma kuhlatshwa inkomo, abahlinzi kanye nomhlahli abakhethiwe ibona abangamela lo msebenzi osuke uzokwenziwa. Ngaphambi kokuba kuhlatshwe inkomo, abahlinzi bageza izandla, bese kuthi lo ozoyihlaba akhothiswe utswayi noma usawoti ukuze abantu bengakhishwa isisu uma kuwukuthi loyomuntu udla izibiba. Emva kokuhlatshwa kwenkomo, umnumnzane uyayetha inkomo, uma eyetha ufaka isinqindi sakhe enhla kwesixhanti, adabule ngapha nangapha kobilo lona … Read more

Ukuhlinza

Njengabantu abagcina amasiko, silandela indlela yokwenza ngesintu uma kufanele senze imisebenzi yesintu. Njengokuhlatshwa kwembuzi uma kuzoba nomsebenzi wesintu ukubika lowomcimbi ozobe wenziwa kwabadala, imbuzi lena ihlatshwa ngelanga elandulela leli lomcimbi, okuthi emva kokuba ihlatshiwe bese kulandela inkomo. Kulama khasi alandelayo, sikhombisa ukuthi inkomo ihlinzwa kanjani emva kokuba isihlatshiwe ihlatshelwe umcimbi ozobakhona. Inhloso yokuveza ukuhlinzwa nokuhlahlelwa … Read more