Idlozi

Idlozi abantu asebafa, bedlula emhlabeni. Ngokwenkolelo yabantu abamnyama kanye nesizwe samaZulu, kuthiwa abafile baphila nathi bekomunye umhlaba. Akumele sibakhohlwe kodwa kumele sihlale sibakhumbula njalo. Usizo lwedlozi Idlozi likuyisa phambili, likuphe inhlanhla yemali, yomsebenzi, yomendo nokunye okuhle okudingayo. Liyakuvikela ezingozini nasebathakathini. Idlozi liyakulekelela ukulwisa izifo ezisegazini, lingakupha abantwana lungakuphumelelisa ezifisweni zakho, liphinde likukhanyisele amaphupho akho. Okubi … Read more

History of Muharamm Festival in Durban

Background The Muslim community in Durban like their Hindu counterparts had to face the challenge of maintaining their religion and cultural practises in a new land when they settled in Durban. The festival of Muharram is one such practise that was celebrated within their community and went beyond religion and religious purposes. The Muharram festival … Read more

Ukungenwa Komuntu Wesifazane Ngabasemzini

Ingeno into evamise ukwenzeka kakhulu ezindaweni zasemakhaya futhi wusiko olalwenziwa kudala. Kusaphila okhokho bethu kwakwiyinto abangayixwayi kakhulu njengoba sekwenziwa manje. Izinto eziningi ezingamasiko ethu abantu abadala babeyazi ukuthi yenziwelani yonke into noma umkhuba owawukhona wawuba nesizathu sakhona. Umbuzo ofikayo ukuthi kwakubangelwa yini ukuthi uma umuntu ezale ingane angangeni kulowomuzi uma kungalotsholwanga? Futhi uma engenwa akabe … Read more

Ukugezwa kwamanxeba kumuntu osewashona

Amaphupho ayingxenye yempilo kubantu abaningi. Futhi ancikene kakhulu nemiyalezo evela kwabangasekho noma ayindlela yokuxhumana nalabo abasaphila. Lapha sibheka ukugezwa kwamanxeba omuntu owalimala esaphila emhlabeni kodwa wasinda wase ezidlulela ngokugula noma ngendlela ejwayelekile hhayi ngokulimala lokho kwakhe. Ziningi izindlela iphupho elingafika ngalo njengezikhathi elifika ngazo nokuthi liyabelesela yini. Uma kuyiphupho elifika njalo futhi lifana kusuke kufanele … Read more

Ulozelina Umuthi Wogazi Wezinsizwa

Ugazi luyinto efiswa yiwo wonke umuntu kanti futhi lwenza izindlela zakho zikhanye uthandeke ebantwini osuke uhlangana nabo. Ngenxa yokungafani kwezinsuku, ngeke wama ngekhanda etsheni utshele izwe lonke ukuthi wena usuku nosuku uyazazi unogazi ingekho into oyisebenzisayo, ikakhulukazi uma uhlale uphakathi kwabantu. Thina njengabantu sinemimoya nezithunzi namandla athelelanayo okudala siguquguquke usuku nosuku. Lokhu kudalwa wukuthi esinye … Read more

Ukuthemeleza Okwenziwa Abantu Edlozini

Kuyini ukuthemeleza? Ukuthemeleza sikwazi njengokukhuluma inkulumo engaqondile umuntu kuze kuthiwe ugudla iguma kodwa kulendaba sibheka lapho abantu bethemelezela idlozi. Ukuthemeleza yilapho kusuke kukhulunywa noma kuncengwa amadlozi, kushiswe impepho kuthathwe nembuzi ezoba ngumhlatshelo ukuthi alekelele abantu bakhona ngokuthi kutholakale umuntu olahlekile ikakhulukazi kulabo ababesuke beminze emfuleni. Izangoma nazo kuthiwa ziyathemeleza uma sezikhipha ithwasa esigodlweni seliyongena kubo, … Read more