Idlozi

Idlozi abantu asebafa, bedlula emhlabeni. Ngokwenkolelo yabantu abamnyama kanye nesizwe samaZulu, kuthiwa abafile baphila nathi bekomunye umhlaba. Akumele sibakhohlwe kodwa kumele sihlale sibakhumbula njalo.

Usizo lwedlozi
Idlozi likuyisa phambili, likuphe inhlanhla yemali, yomsebenzi, yomendo nokunye okuhle okudingayo. Liyakuvikela ezingozini nasebathakathini. Idlozi liyakulekelela ukulwisa izifo ezisegazini, lingakupha abantwana lungakuphumelelisa ezifisweni zakho, liphinde likukhanyisele amaphupho akho.

Okubi okungenziwa idlozi
Lingaba nolaka olukhulu phezu kwakho uma ungasawagcini amasiko okade uwagcina. Lingakuphuca izinhlanhla elikunika zona, likulethele amabhadi, lingayeka ukukwelekelela emizamweni yakho, lingakuncisha noma likuphuce umsebenzi, lingakuyekelela ungene engozini ulimale kanzima, nabantu bangadlala ngawe. Konke lokhu ungakuvikela ngokuthi uwahlabele ugcine amasiko uphinde uwahloniphe.

Written by: Bongiwe Ndlovu
Source: Gumede, V.C.M. 1997. Masidle Ngoludala. Print O Fine Press,Durban

Leave a Comment