Kuyini ukuthemeleza?
Ukuthemeleza sikwazi njengokukhuluma inkulumo engaqondile umuntu kuze kuthiwe ugudla iguma kodwa kulendaba sibheka lapho abantu bethemelezela idlozi. Ukuthemeleza yilapho kusuke kukhulunywa noma kuncengwa amadlozi, kushiswe impepho kuthathwe nembuzi ezoba ngumhlatshelo ukuthi alekelele abantu bakhona ngokuthi kutholakale umuntu olahlekile ikakhulukazi kulabo ababesuke beminze emfuleni. Izangoma nazo kuthiwa ziyathemeleza uma sezikhipha ithwasa esigodlweni seliyongena kubo, lowo okade elithwasisa uma egcekeni lakubo kathwasa akhulume namadlozi alo ithwasa lelo elicelela izinhlanhla. Kanti abanye abantu bathi umuntu noma omuphi okholelwayo nje emadlozini uma eshisa impepho noma yingasiphi isizathu usuke ethemeleza.
Ukuminza komuntu
Ziningi izinto ezaziba yimbangela yokuthi umuntu aminze njengokuthi uma kade bebhukuda noma bekuwelwa umfula bese labo ahambisana nabo babone ngoba engasekho. Uma kutholakala ukuthi sekwenzekile lokhu kwakubalulekile ukuthi kwaziswe abantu abadala bomndeni walowo oseminzile.
Esikhathini sakudala kwakuthi uma umndeni usuya endaweni yesehlakalo leyo noma emfuleni kwakuhamba abantu besilisa kuphela abesifazane babesala ekhaya. Imbangela yalokho ukuthi kwakwaziwa ukuthi banozwelo futhi babezokhala ngesikhathi kwenziwa lomkhuba. Futhi babenenkolelo abantu ukuthi umsindo wokukhala isilwane sasemanzini sasingawufuni okwakungaholela ekutheni bangamtholi umuntu abamfunayo. Umuntu wesifazane owayevumeleka lapho kwenziwa lokhu kwakuba yisangoma ngoba senza umsebenzi waso. Kodwa kwakwenzeka ukuthi singabikhona kwakukhuluma umuntu womndeni omdala.
Isikhathi esiningi babesuke sebazi ukuthi umuntu wabo akasekho emhlabeni ngoba ngesinye isikhathi negazi lalibonakala, babeqhubeka bathemeleze sebenzela ukuthi bathole umzimba womuntu wabo bakwazi ukuwuthuna ngesizotha. Njengoba sekushiwo ngenhla ukuthi babephatha imbuzi engumhlatshelo uma beya emfuleni inhloso kwakungukuthi uma isilwane leso siyibona kwahlangana amehlo nembuzi siyamdedela umuntu lowo sibambe isilwane leso.
Kunenkolelo yokuthi ziningi izizathu ezingaholela ekubanjweni yilisilwane sasemanzini abaningi bathi yinyoka njengokuthi sisuke silambile, noma kufanele umuntu lowo abe yithwasa. Kuthiwa kodwa kwakungenzeki ukuthi umuntu aphumele phambi kwabantu bakubo uma esaphila wayetholwa ngenhla nomfula nayo babekwazi ukuthi bayibone inyoka uma kungukuthi uzothwasa. Nokushintsha kwezikhathi sekuyishintshile indlela izinto ezenziwa ngayo akusafani nakudala futhi nemithetho yezigodi ayifani.
English Summary
In the olden days there was a belief that if someone drowns it was either they are to become a sangoma or it was an unfortunate incident where the snake that they believed lived in the river was hungry. If this incident happened elders of the person that drowned should be consulted immediately. Only male family members were allowed to attend to this because women are known for their maternal instinct and would cry when they try to consult with the ancestors to assist them. Some families would call a traditional healer in some cases it would be a female to consult on their behalf. They will take a goat and incense to the river as a sacrifice. In most cases the person would be dead by the time they find him or her. But it is said there were few cases where they would come out alive and they believed that person should be trained as a sangoma.
By: Nqobile Mdabe
Source: Zefabuya Ngwazi