Inxeba Lendoda Alibhekwa Umuntu Wesifazane

Kudala ngekhathi kusaphila okhokho bethu zazingekho izibhedlela kwakusetshenziswa amakhambi esintu okungaba ukulapha amanxeba kanye nezilonda kwakukhona konke. Kodwa sigxile lapho kuthiwa khona uma kwenzekile umuntu wesilisa walimala kwakwenziwa yini kuthiwe umuntu wesifazane akadingeki. Kuqala kwakuba khona imithetho eyayibekwa ukuthi uma sekunje kumele kwenziwe njani. Okokuqala nje abantu kuqala babethanda ukudlala imidlalo yenduku, ukungcweka. Okunye futhi … Read more

Indlela Ekuqiniswa Ngayo Ingane Ezelwe

Uke uzibuze ukuthi abantu basuke beqondeni uma bekhuluma ngokuthi ingane ezelwe iqiniswa kanjani? Sibe nengxoxo noMama Makhosazana Mdabe ohlala endaweni yaseNanda. Umama usixoxela ukuthi ngokwakwenziwa uma kuqiniswa ingane izelwe. Umama uthi yena wazala abantwana bakhe sezikhona izibhedlela okuchaza ukuthi akazalelanga ekhaya. Uqhubeke waveza ukuthi ngesikhathi esebuya esibhedlela nengane efika ekhaya kukhona umuntu omdala wesifazane uyena … Read more

Indlela Ekukhuliswa Ngayo Izingane Ezingamawele

Ngibe nengxoxo noMama Ntombi Ndlovu ohlala yase-Inanda eCongo. Umama Ntombi unezingane ezingamawele zamantombazane, sezineminyaka eyisikhombisa. Umama usixoxela ukuthi izingane ezingamawele zikhuliswa kanjani zisanda kuzalwa. Amawele ngokwesintu athathwa njengomuntu oyedwa ngoba yonke into yenzika kanye kanye njengokuthi uma kukhona eligulayo nelinye ngokunjalo ligcina seligula. Ukubongwa Kwamawele Ziyahluka izinkolelo zabantu uma kuza emasikweni enziwayo, kodwa uMama uNdlovu … Read more

Indima edlalwa abantu abadala ezimpilweni zabantu abasakhula

Izalukazi zazidlala ingxenye enkulu ekukhuleni kwezingane ekhaya nasemphakathini kangangokuthi babethenjwa futhi babekwazi ukubona uma umuntu esengena esigabeni esithile sokukhula. Futhi ukuthenjwa kwabo kwakwaziwa kakhulu izinsizwa uma isifuna ukuganwa ngoba yayibuza bona abantu abadala ngokuziphatha kwentombazane. Ziningi izindlela ababeyihlola ngayo intombi leyo uma kukhona izinto ababengaziqondi kahle. Kuzothi uma esekutholile lokho atshele insizwa yilapho isalukazi sesizoklonyeliswa … Read more

Imiyalezo evela kwabaphansi

Ukuphupha utshwala besintu, imvamisa busuke bufuneka ukuthi benziwe ekhaya ngoba ezikhathini zakudala lwaluyinto ebihlala yenziwe ekhaya bekuthiwa ukudla kwabamnumzane. Kwakunenkolelo yokuthi utshwala bekungafanele buphele ekhaya futhi kwakulula ukuthi buhlale bugayiwe ngoba ummbila babezitshalela bona owokwenza imithombo yamabele esetshenziswa uma kugaywa utshwala. Kwakubalulekile ukuthi uma ubaba ebuya emasimini afike azishayele umancishana wakhe uma eseziphumulele ekhaya ngaphansi … Read more

Imithetho Yasemzini Elandelwa Ngumama Wengane

Imithetho yasemzini ebekelwa umama wengane ongalotsholiweNgibe nengxoxo noNelisiwe Mkhize ohlala endaweni yasOhlange, eNanda. Kodwa wazalelwa endaweni yaseMkhomazi wakhulela khona ufike eThekwini ngoba esezosebenza. Usixoxele ngemithetho yasemzini ekufanele yenziwe nalowo wesifazane ayenze uma esethole ingane yakulowo muzi. Izindawo zasemakhaya ziyayilandela imithetho namasiko ashiywa ngokhokho. Noma izikhathi sezishintshile kwabanye basakhona abantu abakulandelayo lokhu. Sizoqala sibheke lapho kuvakashe … Read more