Izilwane eziyingozi I

Impilo yasemakhaya ihluke kakhulu kunale yasesilungwini. Emakhaya kusondele kakhulu nemvelo namahlathi, kanti ke futhi kunamahlathi nemifula efihle izilwane eziyingozi kubantu, okuyikho okwenza kugcine kwakhiwe iziqiwi zezilwane. Izilwane lezi zihlukene, njengoba kukhona eziyingozi, kubekhona izinyamazane ezidliwayo, kube khona ezibika okuthile kanye nokwakhiwa ngazo imvunulo.

Izilwane eziyingozi

  1. Indlovu – Indlovu yisilwane esingasukeli muntu, kodwa uma ike yasukelwa iyingozi kabi ngoba inamandla kanti futhi ngeke uyishiye noma usucela empunzini. Uma uyisukelile igijima idlule nezihlahla uma ike yakufica ikugxoba ube imvithi, iyingozi ngisho kwabahamba ngezimoto ngoba ngamandla ayo iyidudula udede imoto.
  2. Ibhubesi – Lesi isilwane esesabekayo kuzilwane zasendle. Lesilwane asigcini ngokubulala abantu kodwa nasemfuyweni liyaqotha, ngoba uma nje kungabiyiwe lingena lizenzele esibayeni somnumzane. Lisho ngezidladla ezinkulu kanye nezinzipho ezinzukulu.
  3. Ingwe – Icishe ifane nalo ibhubesi ngobungozi kodwa ke yona ayinawo amandla njengalo, kepha yona igabe ngejubane, ngoba impela ngeke uyenze lutho ngalo kanti futhi nokugibela esihlahleni uma ikujaha ngeke usizakale ngoba ukugibela emthini ubala kuyo.
  4. Impisi – Impisi nayo iyingozi impela nje ngoba iyaluma kanti ke nasemfuyweni ayishiyi lutho, ikakhulukazi ezimbuzini idla isobozele. Uma kuke kwahlangana amehlo ayo nomuntu ayingabe isabuza lutho iyahlasela kanti ke futhi inhle ngasekuzumeni. Impisi lena ineququ elingabekezeleki.
  5. Ubhejane – Ubhejane mkhulu ngalendlela eyisimanga kanti ke futhi uyingozi impela nje, ngoba ugwaze udlule ngale ngophondo lwawo olusebusweni bawo ubhejane belu. Ubhejane unenhliziyo embi, ngoba uma uthi uzama ukukusocongo bese ubaleka ugibela emthini ukulinda ubusuku nemini uze wehle esihlahleni.

Brief Overview
Living in rural areas is great risk especially as there some dangerous wild animals especially in communities near game reserves. This first part of the two articles discusses some of the deadliest wild animals in South Africa such as a lion, hyena, cheetah, elephant and rhino.

Leave a Comment