Izinkomo zeLobolo III

Ekhasini lokuqala nelesibili siveze amagama ezinkomo zesintu uma kulotsholwa kanye nencazelo encane kule ebizwa ngeka mama, ekababa kanye nenkomo yomqholiso. Kuleli khasi sisanaba ke ngalezi ebesingakazichazi esigcine ngokuzisho ngamagama kuphela. Isikhumba Lenkomo inikwa usokhaya eyinikwa umkhwenyana, lenkomo kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. Isibhoma Isibhoma yinkomo eyisipho sikamakoti eyiphiwa umkhwenyana, lenkomo kuthiwa eyesidwaba sika mlobolokazi azosigqoka emzini. … Read more

Izinkomo zeLobolo II

Ekhasini lokuqala sifinqe ngendaba yezinkomo zelobolo, isibalo sazo, kanye ke namagama ezibizwa ngazo lezinkomo. Lezinkomo ezilotshwe zibaluleke kakhulu uma kuganiselwana ngoba inkomo ngayinye inohlelo lwayo, noma ke ngithi kunesizathu sokuthi ibe khona. Sizoqala sinabe ngale yokuqala esivule ngayo inkundla yona ebizwa ngeNkomo kaMama ebuye ibizwe ngeNgquthu. Ingquthu Lenkomo le inikwa unina wentombazane noma umkhwekazi uma … Read more

Izinkomo zeLobolo I

Izinto eziningi zesintu njengemigubho, imicimbi kanye nemisebenzi yasekhaya kusetshenziswa imfuyo ngokujwayelekilie. Kulemfuyo kubalwa izinkomo, izimbuzi kanye nezinkukhu ke, kwesinye isikhathi njengesinqumo mgomo sokwenza imigubho yesintu noma ukugcina isiko. Kuleli khasi ke sibhunga ngendaba yezinkomo zesintu uma kuganiselwana, sibhunga ngokubaluleka kwazo kanye ke namagama ezibizwa ngawo ngokwesiZulu. Lezinkomo zizobizwa ngamagama azo ngaphambi kokuba kwenwatshwe ngazo sezichazwa … Read more

Izipho Zikamkhwekazi Ezikhethekile

Uma kukhulunywa ngezipho zikamkhwekazi ezikhethekile, kusuke kushiwo izinto ezifunwa ngumama wentombi uma ikhulelwe noma isigana ezingaqondene nomunye umuntu njengomuntu okunguye owathwala intombi leyo. Uma intombi ikhulelwe ingakagani kuba ngomama abayiqhubayo ukuyobika isisu kubo kamfana, kuthi uma izolotsholwa umama uyanikwa ithuba lokuthi azotshela abakhongi ezakhe izibizo. Lelisiko libaluleke kakhulu emlandweni waKwaZulu. Uma intombi ikhulelwe Uma intombazane … Read more