Izinkomo zeLobolo II

Ekhasini lokuqala sifinqe ngendaba yezinkomo zelobolo, isibalo sazo, kanye ke namagama ezibizwa ngazo lezinkomo. Lezinkomo ezilotshwe zibaluleke kakhulu uma kuganiselwana ngoba inkomo ngayinye inohlelo lwayo, noma ke ngithi kunesizathu sokuthi ibe khona. Sizoqala sinabe ngale yokuqala esivule ngayo inkundla yona ebizwa ngeNkomo kaMama ebuye ibizwe ngeNgquthu.

Ingquthu

Lenkomo le inikwa unina wentombazane noma umkhwekazi uma lo olobolayo eyithole iseyintombi nto ingoduso yakhe le akasuke eyilobola, noma ke singabuye sithi ikhishwa ilo osuke ethathe ubuntombi balentokazi. Lenkomo uninazala wentombi uyithola ibe yodwa futhi kanye kuphela. Uma kuwukuthi lo olobolayo uyifice ingaseyona intombi nto, akayikhokhi leyonkomo ngoba kusuke kungeyena oye ocansini naleyo ntombi kuqala. Lenkomo iyafakwa nayo ezinkomeni zelobolo, ukulobola lokhu belu kusuke kuwukubonga abazali ngokukukhulisela baphinde bakufundisele ingoduso yakho lo osuke uhlela ukwakha umuzi nayo.

Lenkomo ingebiza kakhulu kuzozonke izinkomo zelobolo. Uma lentombi isizogcagca lo owathatha ubuntombi uyena ohlawulayo njengoba sikubekile ngenhla, uhlawula ngenkomo ebizwa ngokuthi inkomo yohlanga. Lenkomo ayingeni egcekeni kepha ihlatshwa ngaphandle kwamakoti, okuba sekuthathwa inyongo yayo kuchelwe ngayo umuzi wendoda. Kanti ke izintombi zesigodi zibe seziyogeza ngalenyongo emfuleni ohambayo zikhiphe ishobolo elilethwe yileyo ntombi kuleso sigodi.

Inkomo kaBaba

Lenkomo iyisiphiwo lapho umkhwenyane usuke esipha uyise wentombazane ngokumuganisela nangokumkhulisela umakoti wakhe.

Umqholiso

Lenkomo yona eyokungenisa kuka makoti emzini, okuthi ihlatshwe emva kokuba umakoti esengeniswe emzini. Lenkomo ke ikhonjwa inxeba umakoti ngosuku lomshado, okuthi uma isihlatshiwe athelwe ngenyongo yayo, okubalulekile ngalenkomo yikho futhi ukuthi umakoti akayithi mbibi! inyama yayo.

Leave a Comment