Ekhasini lokuqala nelesibili siveze amagama ezinkomo zesintu uma kulotsholwa kanye nencazelo encane kule ebizwa ngeka mama, ekababa kanye nenkomo yomqholiso. Kuleli khasi sisanaba ke ngalezi ebesingakazichazi esigcine ngokuzisho ngamagama kuphela.
Isikhumba
Lenkomo inikwa usokhaya eyinikwa umkhwenyana, lenkomo kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya.
Isibhoma
Isibhoma yinkomo eyisipho sikamakoti eyiphiwa umkhwenyana, lenkomo kuthiwa eyesidwaba sika mlobolokazi azosigqoka emzini.
Imbeka
Imbeka inkomo ehlatshwa umakoti ehlabela abasemzini. Okuqaphelelekile ngalenkomo ukuthi ihlatshwa emva kwesikhathi umakoti agcagca, okungaba yizinyanga eziyisithupha noma unyaka egcagcile.
Imvulamlomo
Imvulamlomo enikezwa ubaba wentombazane uma kuqalwa izingxoxo zamalobolo, okuyiyona enikeza igunya lokuthi kuqhubeke nezingxoxo zamalobolo nabasuke bekhonga.
InhlabisaMthimba
Inhlabisamthimba ihlatshelwa umthimba uma kugcagcwa noma uma kugidwa.
Isiwunkulu
Isiwunkulu lesi sihlatshwa emshadweni sihlatshelwa abesifazane.
Isiqondo
Isiqondo sinikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya esibangise emzini la akayoganela khona, ekhaya basuke bethi akangalambi emzini la akayoganela khona.
Inkomo yomncamo
Inkomo yomncamo ihlatshwa umakoti ngakubo evalelisa ezintombini zangakubo.
Kuloludaba olungendaba yezinkomo ezidingeka uma kulotsholwa futhi ezisetshenziswa uma kugcagcwa sikuveze obala njengezinqa zeselesele ukusebenza kwazo kanye nenhloso noma isizathu sokuthi zibe khona uma kwakhiwa isihlobo esihlathi, phakathi kwabasemzini kanye nasekhweni uma kuganiselwa. Kulelikhasi ke yila loludaba siluphetha khona. Emakhasini amanye alandela sizoke siphinde sithi qaphu ngokwezigameko zasemshadweni nanokuthi abadala emandulo babebhekana kanjani nazo.
Brief Overview
This article closes the curtain on the issue of cows settled during amalobolo negotiations. We have shared the name of each cow and also what it is used for.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).
Sithole uma intombi isizalele ekhaya kwenzekani ezinkomeni zelobolo