Izinkomo zeLobolo III

Ekhasini lokuqala nelesibili siveze amagama ezinkomo zesintu uma kulotsholwa kanye nencazelo encane kule ebizwa ngeka mama, ekababa kanye nenkomo yomqholiso. Kuleli khasi sisanaba ke ngalezi ebesingakazichazi esigcine ngokuzisho ngamagama kuphela. Isikhumba Lenkomo inikwa usokhaya eyinikwa umkhwenyana, lenkomo kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. Isibhoma Isibhoma yinkomo eyisipho sikamakoti eyiphiwa umkhwenyana, lenkomo kuthiwa eyesidwaba sika mlobolokazi azosigqoka emzini. … Read more

Izinkomo zeLobolo II

Ekhasini lokuqala sifinqe ngendaba yezinkomo zelobolo, isibalo sazo, kanye ke namagama ezibizwa ngazo lezinkomo. Lezinkomo ezilotshwe zibaluleke kakhulu uma kuganiselwana ngoba inkomo ngayinye inohlelo lwayo, noma ke ngithi kunesizathu sokuthi ibe khona. Sizoqala sinabe ngale yokuqala esivule ngayo inkundla yona ebizwa ngeNkomo kaMama ebuye ibizwe ngeNgquthu. Ingquthu Lenkomo le inikwa unina wentombazane noma umkhwekazi uma … Read more