Ukunikezelwa Komkhonto Kunkosana

Kunesiko elenziwayo uma kushone umnumzane wekhaya, lolusiko luphathelene nokuthi ubani okufanele aphathe umkhonto ngosuku lomgcwabo nokunikeza amandla umuntu osezophatha izindaba zomndeni. Lelisiko lijwayelekile emiphakathini esakholelwa ezintweni zesintu kanti uma kufihlwa uMnumzane ngokwenkolo yobuNazaretha kujwayeleke ukuba kube yihawu nobhoko. Kuyehluka ukwenziwa kwehlambo nesikhathi elenziwa ngaso ngokwemindeni. Abanye balenza ngemuva kwezinyanga ezintathu abanye balenze ngemuva kwezinyanga eziyisithupha. Ngalolusuku kuyaye kuhlatshwe imbuzi esetshenziselwa ukuthi bakwazi ukugeza ngomswani wayo. Lomsebenzi awumenyelwa abantu bangaphandle kuba umndeni kuphela. Lembuzi kuvumelekile ukuthi idliwe yiwo wonke umuntu wasekhaya.

Umkhonto kumele uphathwe yindodana endala egcotshwe ngenyongo ukuthi ihlanganiswa ngokusemthethweni namadlozi akulowomuzi, lena yindlela yokudlulisela amandla kuyo njengomuntu osezoba yikhanda ezintweni eziqondene nekhaya lokhu akuchazi ukuthi usethola ifa. Ngosuku lomngcwabo indodana endala ebizwa ngenkosana iphuma nomkhonto iye kodweba lapho kuzombiwa khona ithuna likayise. Idweba bese iwuhloma phansi umkhonto ilinde ukuthi lize ligqitshwe ithuna ngaphambi kokuba abafowabo bakayise bawuphule ubuye uphiselwe ngaphambi kokuthi kube yihlambo ngoba uyadingeka uma sekwenziwa ihlambo, ngelanga lehlambo lomkhonto unikezwa indodana endala.

Indodana isuke isigcotshwa ngokusemthethweni ukuthi isingazengamela izinto zomndeni egameni likayise ngoba ngisho kushiswa impepho ekhaya, onina bahlala eceleni batshele yona ukuthi ikhulume ithini noyise lapho kushiswa khona impepho noma kunezinye izinto zomndeni ezidinga ukuthi kukhulunywe nabaphansi.

Ngosuku lwehlambo
Ngosuku lwehlambo uyaphathwa umkhonto, kuvukwa kusempondo zankomo kuyozingelwa ehlathini abantu besilisa bomndeni, babuya nanoma yisiphi isilwane esitholakele. Uma sekubuywa ehlathini kudlulwe emfuleni noma emhosheni kugezwe. Njengoba kuthiwa ihlambo nje kusuke kuhlanjululwa oshonile, bese kuthi labo abaphuma kozingela banyukele ekhaya behamba behuba amahubo esizwe. Ukugeza kwabantu besilisa akufani nokwabantu besifazane bona abavuka baye kogeza kuphela bese beqhubeka nemisebenzi yasekhaya njengokujwayelekile.

Uma sebesesangweni bahube ihubo lomndeni, bangene esibayeni kubikelwe amadlozi ukuthi kawamamukele lona owenzelwa ihlambo ngoba usehlambulukile. Indodana ke endala isuke isinelungelo lokudingida izindaba zekhaya nabafowabo bakayise kodwa hhayi ukuthi izinto zikayise sekungezayo.

Leave a Comment