Umfelokazi umuntu wesifazane osuke eshonelwe ngumyeni wakhe owamlobola ngezinkomo wagcagca. Ziningi izinto azihloniphayo noma azigwemayo ukuze angadlebeleki noma angadluli uma kusashoniwe, njengokuya ensimini ezilile nokungena esibayeni nenzilo noma ukuya emfuleni emini, umama ozilile uya emfuleni noma emthonjeni selithambeme ilanga.
Uma kuhlangene abantu bebaningi endaweni eyodwa njengasesontweni uhlaliswa ngemuva noma ekugcineni ngoba akufanele kubekhona umuntu ngemuva kwakhe, ngoba kuthiwa uneshwa noma unesinyama ngenxa yokushonelwa umyeni wakhe. Ngesikhathi lowo wesifazane esazilile, usebenzisa isitsha nenkomishi nesipuni okungafanele kusetshenziswe omunye umuntu akusebenzise kuba okwakhe kusukela ngalesosikhathi ehlala emakhandleleni aze akhumule inzila. Uma sekushone bobabili abazali ekhaya kucelwa omunye umuntu wasemndenini omdala wesifazane noma ngabe useshadile kodwa kumele bamgeze lowo ozohlala emakhandleleni, kufanele umuntu agezwe ngembuzi ngoba kusetshenziswa umswane wembuzi, uhlanganiswe nomuthi othile. Uma kungumuntu wesifazane oshonelwe umkhwenyana ngosuku lokuthunwa komyeni ngemuva komngcwabo, usuka emathuneni nabathize besifazane bamphelezele ayekogeza emfuleni ohambayo bese ebuyela ekhaya ayofaka inzila njengesiko lakulowomuzi.
Izingane nazo ziyayifaka inzila, kodwa kuba yisichibi esimnyama noma esingaluhlaza, sifakwa engalweni yesinxele isikhathi esingangezinyanga ezintathu, kuthi umama wekhaya kube unyaka noma iminyaka kuye ngokuthi umndeni unayo yini imali yokwenza umsebenzi lapho kuhlatshwa khona inkomo. Inzila yomuntu wesilisa uma ezilela umkakhe ufaka okusabhande engalweni isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha. Esikhathini sanamuhla izinto sezishintshile kwabanye abantu, sebezila isikhathi esifushane noma bangasazile ngenxa yenkolo yabo. Lokhu kubangelwa ukuthi abanye sebeyasebenza kubalekelwa ukuthi angadlebeleki noma angadlulwa yizinto azenzayo.
Uma intombi ishonelwe yisoka
Ziningi izindlela ezilandelwayo emizini yabantu uma intombi ishonelwe yisoka bengakaganani ngokwesintu. Abanye bathi kudingeka ukuthi ngosuku lomngcwabo ngesikhathi sekubonwa isidumbu intombi kufanele ibone lowo okokugcina bese ukhuluma naye imtshele ukuthi akahambe sekuphelile ngaye emhlabeni. Kunenkolelo yokuthi uma intombi ingakwenzanga lokhu isoka liyahlupha uma usuthandana nomunye umuntu. Uma sekugqitshwa ithuna kumele intombi isuke ihambe kungakapheli iyogeza ngomuthi ewunikwe ngumndeni wesoka, bese ibuyela kubo ingabe isangena kubo kasoka ngoba kunenkolelo yokuthi uma ubuyele khona uzokulandela. Uma umndeni lowo ungakwenzi lokho umuntu uyakwazi ukuziyela kubelaphi bendabuko bamnike imithi yokuthi azigeze. Intombi ayilizileli isoka. Kanti uma ubusewumakoti osemncane osengagana abanye abantu banenkolelo yokuthi kufanele ulale nomuntu othize ukukhipha ibhadi.
Ukukhumula inzilo
Uma sekukhunyulwa inzila uma ungumama womuzi kuvame ukuthi ageze ngaphandle komuzi noma emfuleni ohambayo ngomuthi othize, uma eseqedile isikhathi abenqunyelwe ukusizila. Izingubo abezisebenzisa ngesikhathi ezilile ziyashiswa athengelwe izingubo ezintsha ngabomndeni nezitsha abezisebenzisa ziyalahlwa. Inzila nefakwe yizingane noma ubaba nayo iyashiswa ihambisane nembuzi. Inzila iyaqashelisiswa abomndeni kufana nezibi zalapho kade kuhleziwe khona zilahlwa ngendlela ethize namanzi abegezwa ngawo nezingubo ahamba ezigqokile ziyakhishwa izinkinobho, umndeni uma sewuya emathuneni kufanele kusale noma umuntu oyedwa womndeni othenjiwe ukuthi aqoqe endlini ebekuhleli isidumbu kuyo, ngoba kubalekelwa abathakathi, uma kukhona ingane encane bayiginqa lapho kade kuhlezi ibhokisi ukuze ingahluphi ngokukhala.
Ukufihlwa komnuzane
Uma engeniswa emzini wakhe mhlawumbe uphuma emakhazeni ubekwa abhekiswe enhla nomuzi angabheki ezansi, noma eseyobekwa emathuneni ubekwa abhekiswe emzini wakhe, futhi ubegoqwa ngesikhumba senkomo abeyithanda kakhulu, nethuna limbiwa ngendlela ethize libe nekhona.
By: Nelisiwe Hlongwane
Now tell me. leekomo is the frist thing she needs to do lomama uvelweyo ngumnyeni. yenziwa kajani lenkomo or let me say prosses yayo. after yona is there enye ekumele ayenzile
Ngishonelwe ngumyeni wami ebesizoshada naye
Ngikhulelwe angikwazanga ukumzilela inzilo yathengwa yathethwa ngokuthi ngikhulelwe
Ngifuna ukwazi ukuthi Uma ngibeletha kumele kwenziwe njan
Ngigqokiswe noma inzilo isale ihlala
Cofa lapha ukuthola impendulo: Inzilo
Uma uMama washona esazilile (ezilela indodana) kwenziwa njani?
Cofa lapha ukuthola impendulo: Inzilo