Izigaba zokuzila ngokuhlukana kwazo
Umfelokazi umuntu wesifazane osuke eshonelwe ngumyeni wakhe owamlobola ngezinkomo wagcagca. Ziningi izinto azihloniphayo noma azigwemayo ukuze angadlebeleki noma angadluli uma kusashoniwe, njengokuya ensimini ezilile nokungena esibayeni nenzilo noma ukuya emfuleni emini, umama ozilile uya emfuleni noma emthonjeni selithambeme ilanga. Uma kuhlangene abantu bebaningi endaweni eyodwa njengasesontweni uhlaliswa ngemuva noma ekugcineni ngoba akufanele kubekhona umuntu ngemuva … Read more