Ziningi izimpawu abantu abakholelwa kuzona ezenziwa umuntu uma esezoshona noma esezodlula emhlabeni. Lezimpawu zibonkala kakhulu uma umuntu egula ngoba abomndeni baba nesikhathi bemnakekela. Lezimpawu ziyabonakala kwabadala nasezinganeni. Kuningi okushiwoyo ngabantu abasuke sebegula futhi bekhombisa ukuthi sebezohamba emhlabeni. Futhi kunezinkolelo eziningi ngomuntu ogula isikhathi eside engasindi kodwa futhi engadluli emhlabeni. Laba kuyaye kuthiwe imisebenzi emibi abebeyenza emhlabeni ebabambile.
Kweminye imindeni bayazama ukuthi bambonise lowo ogulayo ukuthi akakhulume ahlambuluke khona ezothola ukuphumula. Izibonelo: umuntu obethakatha noma umuntu obengaziphethe kahle ngokwesimilo. Kuthiwa loluhlobo lwabantu kugcina sebecele ukuthi babizelwe labo ababona besaphila ukuze bacele intethelelo kubona. Ngemuva kokukhuluma iqiniso babe sebeshona.
Nazi izimpawu ezinye ezaziwayo:
- Ukuthi umuntu ancishe abantu amehlo noma abashalazele uma bekhuluma naye.
- Omunye umuntu ubonakala ekhuluma yedwa kuzwakale ukuthi ukhuluma nabantu abangasekho bomndeni asho ukuthi bayambiza. Abanye bomndeni bayamtshela ukuthi akanqabe kodwa ekugcineni uyadlula emhlabeni.
- Omunye umuntu angafuni ukuthi abantu bafike bazombona ukuthi uyagula, kuthi uma befika abashalazele athi akaphendulwe alaliswe ngolunye uhlangothi angababheki noma abaphebeze ngesandla ekhombisa ukuthi abahambe.
- Umuntu onengane yena kuthiwa kufanele ingane ingasasondezwa kuyena ngoba ingane kulula ukuthi ithathe imimoya okungaholela ekutheni nayo ishone uma sekushona umzali wayo.
- Uma umuntu egulayo elala nabantu ekameleni uma sekubonakala ukuthi usegula kakhulu kufanele bakhishwe laba abaphilayo asale yedwa endlini alele kuyona.
- Abantu banenkolelo yokuthi umuntu uma esezohamba emhlabeni uyanyenya, akujwayelekile ukuthi ashonele phambi kwabantu ngoba uma eshona ebusuku abantu noma ngabe bebembhekile bayazumeka baphaphame eseshonile.
Kubantu abakholelwa kulezimpawu abanye kuyabathokozisa ukuthi bambonile umuntu wabo ngezinsuku zakhe zokugcina.
English Summary
There are many traditional beliefs about the signs that are shown by people who are sick and about to die. These are mainly noticed from sick people who are cared by their family members. Some people delay to die because they need to confess their wrong doings to their victims. These in particular are those who are practising witch craft and those who had multi partners. These people before they die they request family members to call the victims and apologise to them for wrong.
Below are the signs associated with death:
- A person avoiding eye contact with family members.
- Some will talk to invisible people that are believed to be a family member that has passed on, he will say that they are calling him. And at the end of the day they do pass on.
- Other people will not want to be visited by people while sick, if they insisting in coming they will request to be moved or to be changed and sleep on another side.
- Someone with an infant or a toddler, they take away the child from her because there is a belief that when they pass on they might affect the child and it can die also.
- When someone sick shares a bedroom with other people it is important to move all the people out of that room and leave the sick one alone to use the bedroom.
By: Nelisiwe Hlongwane