Ukuhlukana Ngezigaba Nendlela Yokugqoka KwamaNazaretha Uma Eya Enkonzweni
Enkonzweni yamaNazaretha kunendlela okugqokwa ngayo ngokwehlukana kwezigaba zakhona uma kuyiwa ezinkonzweni. Kunezigaba ezintathu: inhlalisuthi, amakhosazane kanye nomama. Inhlalisuthi Inhlalisuthi uma iya eSabatheni igqoka ibhulukwe elimnyama, ihembe elimhlophe kanye nokunye ngaphezu kwehembe, kungaba ibhantshi noma ijezi eliwuhafu ukuze ahlonipheke kahle. Uma kuyiSabatha inhlalisuthi kumele igqoke umNazaretha omude bese igqoka nomqhele ekhanda. Ngokomthetho inhlalisuthi kufanele ibhince uma … Read more