Ibandla lamaZayoni ibandla ekade labakhona ezwenikazi lase-Afrika. Lelibandla linabalandeli abaningi abamnyama futhi ekuyibona abakhonza baphinde baccine nemithetho yakhona. UNkosikazi Hlekelaphi Zulu oneminyaka 42 okhulele eKranskop nosehlala eThekwini. UHlekelaphi wafika evakashele ubaba wezingane zakhe kwase kuba ukuhlala kwakhe lapha. UHlekilaphi Zulu ukhonza ebandleni lamaZayoni elibizwa ngokuthi iKhenana usitshele ngemimoya yokubonela kanye nendlela abakhonza ngayo ebandleni labo.
Izayoni inkonzo efana nezinye izinkonzo kodwa kuhluke ekuthini yona iyakwazi ukusiza umuntu uma unenkinga yasemsamo, ukugula, noma unezitha phecelezi uma kunomuntu ukuthakathayo ngamafuphi lelibandla lisebenzisa kakhulu amadlozi. Umama uHlekelaphi ube esechaza ngesiphiwo sokubonela umuntu ukuthi sihluke kanjani kunimsebenzi wezangoma. Uthi yena waqala ukuba nalesiphiwo eneminyaka ewu 15 okwafika sengathi kunomuntu okhuluma naye emtshela ukuthi kukhona into ezokwenzeka embi. Uma lelizwe limfikela kwakuba nesikhathi sokuthi ahlale yedwa. Kwakungalesikhathi lapho bekhuluma naye khona kwesinye isikhathi kuthi izwi uma lifika avele akhale kakhulu (ahayize) umndeni wakhe uzame ukumsiza. Uze wakhula enalesiphiwo sakhe ngoba nasesontweni uyakwazi ukubona inkinga yomuntu ngisho engakhiphanga mali ngoba inkonzo yaseZayoni ibobonelana mahhala uma besesontwebu ngoba basebenza ngokukamoya.
NoMnumzane M.A Thelezi oneminyaka 50 okhulele endaweni yase New Castle ongumfundisi endaweni yaseCongo unezelela naye ngokuhlukana phakathi kokubona ngokomoya kanye nezangoma. Umehluko ukuthi isangoma siyahamba siyothwasa kodwa bona abayi ukuyothwasa imimoya ufikela lowomuntu. Ubaba Thelezi uthi imimoya wayithola esontweni iZayoni, ziyakwazi ukuthi uma unesiphiwo sokubona kodwa amandla okomoya engakafiki zikusize ngokuthi zikuhambise uyongeniswa emanzini uphinde ulinde noma uzile ukudla izinsuku ezibekiwe. Ngalesikhathi kufanele uzile zonke izinto ezingaba yisiphazamiso njengokuthi akudingeki ukuthi uma kungumuntu wesilisa asondelane nomuntu wesifazane ngoba kunenkolelo yokuthi uyangcola.
Uqhubeka athi ukuba nalemimoya kuyagulisa ngoba kwesinye isikhathi uthi uzihlalele abantu bakubone uzibhuqa phansi noma uzishaya edongeni kanti kukhona umuntu ozongena ogulayo. Kwesinye isikhathi uze ubatshele abantu ohlezi nabo ukuthi kunomuntu ozofika ogula ngesifo esithize. Ngenkathi bekhuluma nawe noma bekuvezela isithombe salento eyenzakalayo lowo oboniswayo kufanele ababuze labo abadala ukuthi angamsiza kanjani lowo odinga usizo. Konke bayakuvezela mhlawumbe batshele lowomuntu obonayo ukuthi athathe umuntu ogulayo ayomfaka emanzini, amkhulekele, noma amfafaze ngamanzi noma ukhulekele amanzi uphuzise abathandazi abawusebenzisi umuthi. Lenkulumo kaBaba uThelezi isekelwe uGcina Mntungwa okhonza ebandleni lakhe ukuthi uma umuntu efuna ukuba nomoya wokubonela kumele azithibe kwizinto eziningi njengokungabi nabo abantu abaningi besifazane othandana nabo futhi ungaphuzi uziphathe kahle ulinde futhi uhambe njalo uma kuthiwa iya emanzini.
By: Nqobile Mdabe
Veru helpful šššš
Siyabonga sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu.