Ukuhamba kwesikhathi kusho khona ukushintsha kwezinto, ubuchwepheshe be-Technology benza izinto zibelula. Ukuba khona kwezinhlaka zomculo kanye nokubukiswa kwezinto zesimanje sezivule inkundla yokuthi kubelula ukubona izinhlobo ezihlukene zamasiko ngokwehlukana kwezizwe. IKwaZulu Natali isifundazwe esikhulu kanti ke noma amasiko amaningi esiwenzayo efana kepha ukwenza kuyahlukana . Isibonelo nje indlela okuvunulwa ngayo kwehluka ngezigodi. Uma uya koMzimkhulu nakoBergville bavunula ngendlela ehlukile kunaphesheya koThukela. Nendlela yokugida ayifani futhi yehluke ngakho ukuthi izigodi nezigodi zinendlela yazo noma zingaphansi kukaZulu. Ubuhle bezinhlelo zesimanje ezitholakala kuYouTube zikwenza kube lula ukubona ubuhle bukaZulu ngokuhlukana kwawo nangenhlela esizigqaja ngawo namasiko ethu.

Izinhlelo ezifana noRealTV1, Inqubeko Maskandi Channel, Gezani Media productions, nabanye ngezinye zezinhlelo ezisethulela izinto zesintu. Abantu manje sebeyakwazi ukuthi uma befuna ukwazi ukuthi ingoma yasesigodini esithile igidwa kanjani. Ngisho nawo amaciko esintu acula uMaskandi ayakwazi ukufaka umculo wawo kuYouTube kanti futhi amaningi asenamakhasi kuYouTube. Noma ngabe iliphi iciko lomculo wesintu kusuka kwindlamu, isicathamiya, umaskandi, kanye nombhaqanga uma bezokhipha baqala ngokufaka amazwibela ezingoma zabo ukukhangisela abantu. Ubuchwepheshe besimanje sebusisize kakhulu ukuze sazi nangazo izimpilo zamaciko ethu ukuthi bangabantu abanjani, baphila impilo enjani uma bengekho emculweni. Inkulu indima edlalwa uYouTube ekwakheni amaciko esintu ngisho nawo uTicktock ngoba uma ingoma ithandwe kakhulu abantu isabalala kakhulu kulezinkundla.
Article Overview
Digital media platforms such as YouTube and TikTok are the biggest channels used by traditional music musicians currently. These platforms have provided such artists a platform to market themselves while also benefiting financially from their music careers. It is also refreshing to see traditional musicians taking a step in digitalising their music so that it reaches wider audiences.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).