Gcwalisa Mabhida

Kulenyanga ka Nhlolanja indaba esematheni yindaba yase Moses Mabhida, lapho insizwa yakwa Mpungose ebizwa ngo Khuzani izobe ibambe inqophamlando womcimbi obizwa ngokuthi “Gcwalisa iMabhida” la okuzobe kukhona izinqwele zamaciko omculo wesintu. Lomcimbi ungundaba mlonyeni ebantwini njengoba kuyisenzo sokuqala lesi ukuthi umculi ka Maskandi ezobe ezama khona ukugcwalisa lenkundla la kuzobe kushiyelana khona amaqhawe alomculo inkundla. Noma lomcimbi ungalo leliqhawe kodwa ke ukubeke kwaba sobala ukuthi lomcimbi owawo wonke umlandeli womculo wesintu kanti ke zonke izinkumbi zabalandeli bamaqembuqembu alomculo amenyiwe ukuzokweseka lensizwa kulomcimbi. Lomcimbi uhlelwe ukuba ngezi 1 ku Ndasa 2019, kanti ke nohlelo lwamaciko azobe ezodlala futhi ebungazele lomcimbi luhle impela nje njengoba zonke izinqwele zamaqhawe alomculo zizobe zikhona, kumaciko azobe ekhona sibala laba abalandelayo.

  • Amangcukumane
  • Shwi NoMtekhala
  • Jaiva Zimnike
  • Osaziwayo
  • Buselaphi
  • Imithente
  • Ithwasa Lekhansela
  • Qhoshangokwenzakwakhe
  • Cevuzile
  • Dumakahle
  • Ihhashi Elimhlophe
  • Phuzekhemisi
  • Falabo
  • Muntuyenziwa
  • Amagcokama
  • Ngelo V
  • Bahubhe
  • Ichwane Lebhaca

Lawa ngamanye amaciko azobe enandisa kulomgubho kaMaskandi ozoba use Moses Mabhida ngomhlaka 1 kuNdasa 2019, kanti ke namathikithi ahamba ubuthaphuthaphu eShoprite okuyila adayisa khona.

Brief Overview

On the 1st of March 2019, South Africans will get to see history making at Moses Mabhida stadium, all this due to Khuzani Mpungose who is the coordinator and main act at the Maskandi music event. This will be groundbreaking for this musical genre, which is mostly associated with Zulu traditional acts, but will be exposed to South Africans more generally. The tickets for this event are available at all Shoprite retailers nationwide and also Computicket.

Leave a Reply