Umculo kaMaskandi udumile futhi uthandwa kakhulu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Lo mculo unomlando omkhulu ekungcebelekeni, ekuxoxeni ngezinto ezithinta abantu, kanti nokuqhuba usikompilo lwabantu base-Afrika, ikakhulukazi labo besizwe samaZulu.
Zithanda ukubaningana izikhondlakhondla zomculo ezihleli endaweni ephakeme yomlando waseNingizimu Afrika wezobuciko ezazicula wona lo mculo kaMaskandi.
Lapha kubalwa oBhekumuzi Luthuli, oMfaz’Omnyama noBusi Mhlongo. Izindaba ezimnandi ukuthi umculo woMaskandi awugobanga namaqhawe namaqhawekazi omlando.
Baningi abantu abasha abangenayo kulendima. Into enhle ngalegenge entsha engena kulendima ukuthi iyazama bandla ukuwenza lo mculo ngendlela yesimanje ukuze uthandeke esizukulweni sanamuhla.
Asike sibheke i-video kaZoliswa Mchunu izingoma ezimbili zoMaskandi. Eyokuqala ithi ‘Aniyeke ukuqamba’ – ibhalwe yasehlelwa nguBaba Mkhize, kanti eyesibili ogama layo lithi ‘Angilutho ngaphandle kwenu’ – yona ke ibhalwe nguye uMam’Mchunu.
In the above article, we detail a brief history of the Maskandi musical genre, which is known for its rich Zulu heritage. The article concludes with a video of a young woman by the name of Zoliswa Mchunu, performing two songs of the Maskandi genre, with a bit of a contemporary twist. The first song she sings is titled ‘Aniyekele ukuqamba amanga’ (Stop Lying) which was written and arranged by Baba Mkhize, and the second song that she sings is titled ‘Angilutho ngaphandle kwenu’ (I am nothing without you).
1 thought on “UMaskandi”