Umlando womzabalazo wenkululeko yaseNingizimu Afrika awuxoxeki ngaphandle kokukhuluma ngendima yamaculo ayevunywa ezweni ngenxa yesimo senhlalo.
Iningi lalamaculo asaculwa namanje uma kunemibhikisho noma nje kujatshulwa kuhlonishwa umlando. Abalobi bomlando babika ukuthi amaculo omzabalazo ayekhuthaza futhi afake ilukuluku kulabo ababelwa nencindezelo.
Impela abalobi bomlando bakuqhakambisa ukuthi la maculo ayelakha ithemba futhi eqinesekisa ukuzimisela kwabantu abansundu ekuguquleni izwe ukuze lifike esimweni sokukhululeka.
Elinye lalawa maculo athandwa kakhulu ileli elithi Sobashiya abazali.
Le ngoma ishiwo kanje:
Abaholi : Sobashiya abazali ekhaya
Abavumi : Saphuma sangena kwamanye amazwe
Abaholi : Kwamanye amazwe
Abavumi : Lapho kungazi khona ubaba nomama, silandela inkululeko
x2
Abaholi : Sithi salan’ salan’ ekhaya
Abavumi : Sesingena kwamanye amazwe
Abaholi : Kwamanye amazwe
Abavumi : Lapho kungazi khona ubaba nomama
x2
Abaholi : Sobashiya abafowethu
Abavumi : Saphuma sangena kwamanye amazwe
Abaholi : Kwamanye amazwe
Abavumi : Lapho kungazi khona ubaba nomama, silandela inkululeko
x2
Abaholi : Sithi salan’ salan’ ekhaya
Abavumi : Sesingena kwamanye amazwe
Abaholi : Kwamanye amazwe
Abavumi : Lapho kungazi khona ubaba nomama
x2
Nansi i-Video ngezansi ekhombisa leli culo: