Iculo lo mzabalazo: Sobashiya abazali ekhaya

Umlando womzabalazo wenkululeko yaseNingizimu Afrika awuxoxeki ngaphandle kokukhuluma ngendima yamaculo ayevunywa ezweni ngenxa yesimo senhlalo.

Iningi lalamaculo asaculwa namanje uma kunemibhikisho noma nje kujatshulwa kuhlonishwa umlando. Abalobi bomlando babika ukuthi amaculo omzabalazo ayekhuthaza futhi afake ilukuluku kulabo ababelwa nencindezelo.

Impela abalobi bomlando bakuqhakambisa ukuthi la maculo ayelakha ithemba futhi eqinesekisa ukuzimisela kwabantu abansundu ekuguquleni izwe ukuze lifike esimweni sokukhululeka.

Elinye lalawa maculo athandwa kakhulu ileli elithi Sobashiya abazali.

Le ngoma ishiwo kanje:

Abaholi                 : Sobashiya abazali ekhaya

Abavumi               : Saphuma sangena kwamanye amazwe

Abaholi                 : Kwamanye amazwe

Abavumi               : Lapho kungazi khona ubaba nomama, silandela inkululeko

x2

Abaholi                 : Sithi salan’ salan’ ekhaya

Abavumi               : Sesingena kwamanye amazwe

Abaholi                 : Kwamanye amazwe

Abavumi               : Lapho kungazi khona ubaba nomama

x2

Abaholi                 : Sobashiya abafowethu

Abavumi               : Saphuma sangena kwamanye amazwe

Abaholi                 : Kwamanye amazwe

Abavumi               : Lapho kungazi khona ubaba nomama, silandela inkululeko

x2

Abaholi                 : Sithi salan’ salan’ ekhaya

Abavumi               : Sesingena kwamanye amazwe

Abaholi                 : Kwamanye amazwe

Abavumi               : Lapho kungazi khona ubaba nomama 

x2

Nansi i-Video ngezansi ekhombisa leli culo:

http://https://www.youtube.com/watch?v=652h6h9VwlU&w=640&h=480

Leave a Comment