Ukwenziwa Komcimbi Wokujikijela
Ukwenza imicimbi nemisebenzi kuyingxenye yesiko lesintu futhi into eyaziswayo kakhulu ngenxa yokuthi umbiko nesizathu sayo lemisebenzi inokuxhumana nabadala ukudlulisa umbiko othize. Lemicimbi ngokujwayelekile ihambisana nokuhlaba nokugaywa kotshwala bese umcimbi nomcimbi noma umsebenzi owenziwayo usuke udinga umndeni ubambisane ukuze leyonto eyenziwayo yamukeleke kumathonga. Uma kade umnumzane wasekhaya eshone engazwani nabafowabo, lomcimbi awukwazi ukwenziwa ngoba uzosuke ube … Read more