Imisebenzi eyenziwayo ekhaya ngemuva kokungcwaba ilunga lomndeni.
Uma kade kushoniwe ekhaya sekuthuniwe kunemisebenzi ebakhona ukudlulisa lelofu elimnyama ebelehlele umndeni lowo. Njengoku:
Owokugeza amahalavu noma ukugeza amapiki:
Lomsebenzi wenziwa ngemuva kwezinsuku ezinhlanu kuya kweziyishumi azibi ngaphezulu, ngoba longasekho angase abenzele amabhadi uma bephuza ukumenzela. Umndeni ubheke inhlanhla kuye nokuhle kodwa. Uma kwenziwa umsebenzi wamahhalavu amalunga omndeni asebenzisa umuthi omhlophe besalungiselela umcimbi kuze kube ilanga lomcimbi. Kuzothi uma sekuhlatshiwe (imbuzi) kuthathwe inyongo yalesilwane ebesihlatshiwe lomsebenzi ifakwe kulowomuthi osetshenziswa ngumndeni, ukwenzela ukuthi aze kahle kumndeni wakhe. Kuvamise ukuthi ongasekho afike ngephupho noma efika kubatwana bembona laba abangakathombi babanayo inhlanhla yokumbona.
Nalaba bomndeni abamamukelayo babuse lapha ekhaya, lomuthi omhlophe osetshenziswayo usho ukumamukela lowo ongasekho emukelwa ilabo abaphilayo. Impepho iwumxhumanisi phakathi kwabaphilayo nabangasekho. Basebenzisa lomuthi ngaphandle kwesango noma kwegceke. Umuntu ngamunye kufanele aphumele ngaphandle kwegceke aye kogeza khona ngalomuthi kodwa akufanele aziphathele, kubalulekile ukuthi ilunga lomndeni lithathelwa omunye oyilunga lomndeni amphelezele ukuyokwenza lokhu ngoba akufanele umuntu abheke emuva lapho esuka khona ngemuva kokusebenzisa lomuthi. Ukuhamba nomunye umuntu kwenza umsebenzi ubelula.
Lokhu kwenzelwa ukuthi ifu lokushonelwa lisale ngaphandle kwamagceke omuzi, futhi bangabuyi nalo. Uma sebeqedile bonke kungenwa endlini yokushisela impepho ukuze kukhulunywe nabadala bachazelwe ukuthi kwenziwani lapha ekhaya, okunguye omdala ekhaya kwabaphilayo ubeseshisa impepho-ke ekhuluma emcelela noma emazisa lowo ongasekho ukuthi usegezekile usengahlangana nomndeni. Aphinde asho izithakazelo acele ukuthi laba abakade bashona abamamuke lowo ozayo. Lento yenzelwe ukuthi umuntu angene kahle emndenini wakhe.
Ngoba singabantu sihamba ngezindlela eziningi emhlabeni, abanye bafela empini, abanye bafe engozini, ngaleyondlela uma umuntu eseshonile kumele alungiswe isimo sakhe ukuze abheke ikhaya angabuyi ezekhaya kubo ezofuna akufunayo noma ethi uletha inhlanhla kanti uza nalowamoya wakhe ahamba ngawo emhlabeni. Kokunye uyahliphiza izinto abanye beza nokuhle yena azohliphiza ngoba akagezwanga futhi akangenisiwe ekhaya kubo kulaba abasaphila nangalena kwabangasekho akamukeliwe.
Ukungamukelwa kuye kube nezathu ezahlukene kwesinye isikhathi uma kade ephatha imithi emibi eyisebenzisa kabi futhi emndenini baye bakukhiphe ngaphandle bathi uyidlozi elibi noma wenza isenzo senkohlakalo baye bangakungenisi ekhaya, nokuthunwa umuntu uthunelwa ngaphandle kwamathuna omndeni, nomndeni ongasekho uye ungakwamukeli uma engenzelwanga izinto ngendlela ilabo abasaphila. Nangaphambi kokuthi kwenziwe umcimbi omkhulu wokumngenisa ekhaya lalabo abaphilayo kodwa uqale agezwe bese engeniswa.
Owokugeza uma kukhunyulwa inzilo amalungu athize omndeni
Uma kwenzelwa iladi lowomuntu ongasekho noma enzelwa inkonzo yokumkhumbula, yenziwa esontweni noma ekhaya lakhe. Kufika amakholwa ekhaya kuzokhonzwa kukhulekwe. Umndeni ophatha umsebenzi wonke wokubekwa komuntu wabo abangani nabanye bona bezwa ngomndeni okwenziwayo. Futhi kwenziwela kubo kamufi konke okwenziwayo
Uma enzelwa iladi usuke engeniswa emndenini wakhe ngokwenkonzo, Mhlawumbe eyekiswa nemithi nakho konke nje okwasemhlabeni ngoba kuthiwa akwenziwa ngalena ekhululwa ezintweni zomhlaba noma ngabe yini kodwa usuke ecelelwa kuMvelinqangi, nasemndenini wakubo awufica ngale. Ekhaya bayahlela bese kugaywe utshwala lwesintu, kuphekwe amahewu, kuthengwe nogwayi wamakhala konke lokhu kubekwe nacho konke ukudla kwesintu, kanye nezithelo ezihlukahlukene, kubekwe emsamo namakhandlela ayimibala ehlukene kuthiwa amele izidalwa zakulowomuzi.
By: Nelisiwe Hlongwane