Thina bantu abamnyama noma aMaZulu sazi ukuthi umuntu uma ehanjwelwa yilunga lomndeni kufanele azile kodwa kuya ngokuthi ubani oshonile ngoba kunezigaba zakhona ezahlukene. Njengokuthi uma kushone inhloko yomuzi unkosikazi ugqoka inzila isikhathi esingangonyaka, uma kushone umamezala noma ubabezala kuba yisikhathi esifishane futhi ufaka okusaphinifa kanjalo noma kushone ingane kuba yisiphika esibekwa emahlombe. Lapha sibheka kakhulu kulokhu kokuzilela umyeni noma inhloko yomuzi.
Ezikhathini eziningi manje abantu babhala izinto abafuna zenziwe uma umuntu engasekho. Lokho kusuke kulungile uma kubhalwe phansi ngoba ngeke uze uphikisane nomuntu esefile. Kube khona umuntu ozothi ewunkosikazi ashonelwe indoda athi yena akazili ngoba wathi umyeni wakhe angazile. Lokhu kugcina sekuyinkinga ngoba uma sekufike isikhathi sokukhumula imindeni eminingi ayibe isayingena eyokumgeza umakoti lowo. Bese lokhu kuphoqa ukuthi umakoti azigeze yena ukuthi azisuse isinyama sokushonelwa.
Kuphinde futhi umuntu aganele esithenjini kodwa unkosikazi omdala sewashona sekusele izingane zikamnakwabo kuphela. Kuthi uma kushona umyeni wakhe kubekhona inkinga yokuthi unkosikazi omncane akasenaye umuntu ozomgeza ngoba mhlawumbe sekwashona bonke abantu abadala. Okufanele kwenziwe kulesimo ukuthi lomama agezwe ingane yakhe endala yomfana ekuyiyona ezomela isibongo sakubo noma ivuse umuzi kayise. Uma kungukuthi ingane ayisebenzi umama angayithenga imbuzi kodwa umuntu ozomumela emadlozini ingane yomfana endala. Uma kwenzeka ukuthi ubaba unazo izingane kunkosikazi omdala uma zinawo amandla zingamgeza umam’ ncane wazo kodwa lokhu akuyona impoqo ngoba nayo isuke isabhekwe okwendlu yakubo ukuthi kufanele yenzele izingane zakubo umsebenzi wokugeza.
Inhloso yokubhala ngalendaba yingoba izikhathi sezishintshile kubonakala abantu besifazane sebengasazili isikhathi esingangonyaka,noma bangazili kwanhlobo. Kodwa alindele ukuthi akagezwe ngokwesiko. Kumele ezinye izinto sizenze ngokosiko njengokuthi umndeni waziswe ngesinqumo enisithathayo sokungazili uma kukhona odlulayo emhlabeni.
English summary
Inzilo is to identify a mourning woman because they are expected to wear mourning clothes for a period of a year. We are looking at a situation where a wife doesn’t wear these clothes and if she will be cleansed traditionally by the in-laws. In some cases family disassociate themselves with their daughter-in-law if it is their custom to wear the mourning clothes. Then she will have to cleanse herself by asking her son to follow all the procedures, in a case where the son is unemployed his mother can buy the cleansing goat.
By: Nqobile Mdabe
Source: Makhosazane Mdabe