Imikhuba Yabantu Elandelwa uma Kushoniwe

Umngcwabo uyakwazi ukuthi uhlehliswe uma kunezinkinga ekhaya. Umuntu ubengcwatshwa amalunga omndeni engekho ngoba bebengamhlalisi isikhathi eside, labo abangekho bebephonsa itshe uma sebefikile.

Umuntu ozilile uyakwazi ukuthi ayikhumule inzila uma sekufike isikhathi sokuyikhumula kodwa engenayo imali yokwenza umsebenzi omkhulu. Kodwa akufanele ishiswe umsebenzi ungakenziwa.

Uma umuntu ezilile uyakwazi ukuyikhumula uma engaphilanga, ngoba kuthiwa iyacindezelana futhi akudingeki noma usuficwa ukufa uzilile.

Uma kwenzeka umuntu eshona esayigqokile inzila kudingeka ukuthi akhunyulwe leyonzilo ngendlela yakhona.

Uma umuntu eficwa ukuzila kanti uyancelisa, ingane iyayekiswa ukuncela, unina aqhubeke nokuzila.

Uma umuntu eyikhumule inzilo kufanele ukuthi ayibuyisele ekhaya kubo kuze kwenziwe umsebenzi wokugezwa.

Uma umndeni sewugeza ukade ubuya kothuna noma kofihla oshonile, kumele bageze izandla ngentelezi eqondene nokugezwa kwezandla, uma sekugezwa kuthiwa abantu kufanele babheke ekhaya bangami noma kanjani.

Kuyashiyana ngemithetho yezigodi nangemithetho yamakhosi abusayo endaweni. Kwezinye izindawo uma kushone umnumzane banohlelo lwakhona lokuthi uthunwa ntambama. Kuthi amanye amalunga omndeni bangcwatshwe emini yasekuseni, ingane yona ithunwa ekuseni.

Uma umuntu eshonelwe abazali kubalulekile ukuthi agunde ekhanda ngoba uzoqothuka izinwele. Kanjalo nomuntu wesifazane oshonelwe umyeni.

Ezomshado
Umshado awuhlehliswa uma kushoniwe ekhaya. Umngcwabo uyasondezwa uma kungenzeka, umshado uphumela kwenye indlu kusale kungcwatshwa. Nomembeso abantu basemzini abajikiswa ngaphandle uma kuwukuthi abomndeni abamfuni lowokhwenyana indodakazi yabo bayifunela omunye.

Izingane
Uma ingane ishonelwe unina noma umgadi wayo noma umuntu ebisondelene nayo kakhulu, leyongane iye ihluphe kube ingane eyisinoko, uma zidlala ezinye ingane yona ibonakala seyimi yodwa incikile ngodonga, ngesinye isikhathi itholakale ikhale iyodwa, uma ibuzwa nayo ingakwazi ukuchaza ukuthi ikhalelani ngoba isuke inenkumbulo yalo sewashona. Umndeni kufanele uma kukhona umuntu oshonile kubekhona umuntu oyihlebelayo.

Uma iwele lishonelwe kungabe umzali noma udade noma ubhuti, likhumiswa umlotha kwenziwela ukuthi angaguli ngoba afana namakhosi. Uma lishonelwe elinye iwele, leli eliphilayo kuqala lona ukungena ebhokisini bese kungena lelo elishonile.

English Summary
A funeral can be postponed if there are problems beyond the control of the family.
In the olden days a person was buried even if there were family members that were absent. They were allowed to throw stones as a sign of respect whenever they reach home.
A person wearing mourning cloths can remove the cloths if they don’t have money to perform the ritual or traditional ceremony but they have to take it to their home for safe keeping until the ritual is performed.
Under no circumstances should a wedding be postponed.
When one twin dies, the living one should be placed inside the coffin before they place the one that is dead.

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Comment