Ukungena Nokukhishwa Kwendlakubi

Indlakubi kusuke kuwukudla okudliwa umuntu ngesikhathi umndeni ungazwani noma ungangenelani. Kuthiwa indlakubi ngoba kusuke kuhambisana namazwi ayizinsongo noma izithuko okungenza umuntu okudlayo kumgulise ngokuhamba kwesikhathi. Lapha sizobheka imbangela yendlakubi kanye nokuyigwema ukuthi ingabe isabakhona noma ingasenzeka. Kuyenzeka umndeni ungazwani kube khona ingxabano ezibankulu ngalendlela yokuthi ihlula noma sekwenziwa inhlambuluko. Izingxabano ezinye zivamise ukwenzeka kusaphila abazali kodwa kuvuke ukuthi kwabakhona ingxabano kulowomndeni noma bengasekho. Esikhathini esiningi uma imindeni ithukana ngokuthi omunye uyathakatha, ayingenelani leyomndeni. Kuhlanganisa nezingane zakhona. Akufanele ukuthi izingane ziyekhona zidle ngisho ukudla kwakhona.

Ukungena Kwendlakubi
Ukungena kwendlakubi yilapho kuzothi imindeni ingangenelani ngenxa yengxabano leyo kube khona oyedwa kulemindeni ozothi yena akangeni ekuxabaneni kwabantu abadala ahambe aye kulowomuzi aze adle nokudla kwakhona. Uma esedla yilapho kuthiwa yindlakubi ngoba udla kukubi emndenini. Abantu abadala bathi akukuhle lokho ngoba kusuke kungaziwa noma ingxabano iyiqiniso noma cha. Kanti futhi kuyenzeka ukuthi ngenkathi engena kubona bayakufungela ukuthi ungalungelwa lutho. Noma bengakusho lokhu ebusweni bakho kukodwa akudingeki ngoba kusho ukuthi anikaze nixolelane.

Ukukhishwa Kwendlakubi
Umuntu akakwazi ukuzibonela ukungena kwendlakubi uye atshelwe yilabo ababonayo noma izangoma ngoba enezinkinga. Yingalesosikhathi lapho bekutshela khona ukuthi kufanele uphalaze ngentelezi ukukhipha indlakubi. Kubalulekile ukuthi ube usuxoxa nonmdeni wakho uhlambuluke kuwona ukuthi wena ubukade ungena lapha abangangeni khona. Uma inhlambuluko ingakenziwa akungenelwana. Inhlambuluko yilapho kusuke kuvulelwana izifuba ngokwenzeka phakathi kwalabo abathintekayo lapha kusuke kukhunyelwana umlotha. Umndeni emva kwalokho ube usuyangenelana.

Uma usuphalazile kusuke sekufuneka nawe ugweme ukuya kulowomuzi uma umndeni ungakangenelani. Okubalulekile kakhulu ukuthi uma umndeni usuke unuka umuntu owumndeni ukuthi uyathakatha kwesinye isikhathi kusuke kuyiqiniso ngoba ayikaze inuke ingosiwanga inyama. Kubalulekile ukuthi izingane zilalele okushiwo ngabantu abadala noma umuntu engakholelwa kukhona kodwa kufanele ulandele imiyalelo yabo.

By: Nqobile Mdabe
Other sources: Mrs Dlamini and Bongiwe.

Leave a Reply