Ukugezwa Kwezikhwama Zomelaphi Wendabuko

Uma uyinyanga noma uyisangoma, kuba nezinto ozilandelayo, uma kade kukhona umuntu oshonile emndenini noma esihlobeni, uyayivalela imithi ungayisebenzisi kuze kube uyageza wena nomgonqo wakho (uyazila) kuze kudlule umfihlo noma umngcwabo.
Uma sekufihliwe kuyima ugeza ngendlela eqondene nomsebenzi lowo owenzayo. Kufanele kugezwe ngomswani nenyongo yembuzi ngumnini wesigodlo. Lokhu wenzela ukususa ithunzi lokushonelwa, ukuze ukwazi ukuqhubeka usebenze. Uma ungagezwanga noma ungazigezanga uba namashwa, imithi yakho ibe namathunzi.

Uma amandla noma enayo imali kufanele ahlabe imbuzi ageze ngomswani nenyongo yayo emfuleni ohambayo. Uma amandla emafushane uyageza ngenyongo yenkukhu, nomuthi nemali emhlophe ifakwe phakathi. Imali lena uzihlikihla ngayo kusuka ekhanda wehle nomzimba wonke bese uyiphonsa khona emfuleni ungabe usabheka emuva. Noma sekushonwe kaningi ekhaya uyayisebenzisa inyongo yenkukhu ukuzigeza wena nomgonqo wakho noma abomndeni bakugeze ngayo.

Ngesikhathi kuzwakala umbiko wokuthi kushoniwe kudingeka ukuthi amadlozi abikelwe ngalokho yize kunenkolelo yokuthi ayazi. Yingakho kuthiwa ayizithutha ngoba yonke into oyenzayo bayadinga ukuba ubabikele. Akufanele kudlule isikhathi eside kushoniwe ukuze ugeze, uma ubuya nje emathuneni kufanele ufike izinto zakho zokugeza sezilungisiwe zabekwa ngaphandle esangweni ngoba ugezela emfuleni ohambayo. Ungena ekhaya sewugezile.

Ufika ekhaya uchele umgonqo, uchaze futhi ukuthi kwenzekani ngokuwabiza amadlozi akini uwatshela ukuthi akahlambuluke wonke. Ngemuva kwalokho noma sekungangena umuntu ofuna ukuzolashwa usengasizakala ngoba izikhwama zisuke sezihlanzekile. Uma kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi ugeza abomndeni abangasekho bayafika bakutshele ukuthi lungisa kuphi.

Ukusetshenziswa kwezikhwama zomuntu ongasekho
Kunenkolelo yokuthi umnikazi wezikhwama noma inyanga iyazikhethela umuntu efuna ukuthi aqhubeke nomsebenzi wayo uma seyishonile. Isikhathi esiningi kuba yilowo obemsiza kakhulu ngesikhathi esaphila uhlaka. Uma ngabe kuthiwa izikhwama zishiyelwe omunye umuntu ekhaya kumele ezwe kahle ukuthi lowo ongasekho ubelapha ndlelani njengokuthi ubelapha kuphela noma ubebuye akhiphe nemithi yokwenza okubi (ukuthakatha). Uma kungukuthi ubebuye athakathe, lowo ozithathayo uyakwazi ukuthi abhekane nendlela eyodwa yokulapha akaphoqekile ukuthi alandele indlela yalowo ongasekho.

Isigodlo
Isigodlo siyahlonishwa awulali khona nesoka noma nokhwenyana kanjalo nakulowo wesilisa wakho ngoba sithathwa njengendlu yabantu abadala. Uma kunesidingo sokuthi kulale umuntu kujwayeleke ukuthi kulale ogogo ngoba abasayi ebusheni babo futhi abanawo amasoka noma izingane ezingakangeni ebuntombini bazo futhi ezingenawo amasoka. Akungenwa khona uma umuntu wesifazane egqoke ibhulukwe. Uma ungowesilisa awungeni uma ugqoke isikhindi.

Khona imithi ekumele ulinde ngaphambi kokuyisebenzisa, uqale uhlanzeke nawe ngaphambi kokuba uyipheke noma uyenzele isiguli sakho, ngesikhathi uzoyikhanda ukuze yenze lento efunekayo, njengemithi yokubethela umuzi neyempi.

English Summary
Cleansing of traditional healer after the death of a family member or when he or she died. It is important to cleans the healing space used for traditional healing immediately after the funeral. In some families a goat is slaughtered and they use its bile and dung to cleanse. This should be done in a river but if they cannot afford a goat a chicken can be slaughtered for this purpose and used with a certain traditional medicine and silver coins are added in the mixture. A traditional healer cannot continue with their work if they have not done this process.
By: Nelisiwe Hlongwane

2 thoughts on “Ukugezwa Kwezikhwama Zomelaphi Wendabuko”

  1. Hi
    Ekhaya salibala ukuchela izingubo zika Mufi khathi sigeza after ukufihla
    Ingabe ikhona inkinga or kmele liqalwephansi lelisiko?

    Reply

Leave a Comment