Isigqabo amafutha awumuthi asebenza ngezindlela ezahlukene elitholakala kubelaphi bendabuko. Lamafutha asuke ethathwe ezilwaneni ezahlukene njengezinyoka, izinkawu njalonjalo abelaphi bendabuko kuphela abakwazi ukuhlanganisa lomuthi nokuthi kufanele asetshenziswe kanjani. Lamafutha ahlukile ngezindlela zawo nangemisebenzi yawo. Awumuthi ngoba uyakwazi ngisho nokugquma ngawo uma unenkinga ephathelene nokuthi ngabe uyagquma. Kuyenzeka ukuthi kunokungcola okusele ngaphakathi kumuntu lokokungcola kufanele ukuthi kukhishwe ngokugquma ukuze kuphume kuwena.
Uma umuntu kufanele agqume kuyaye kube yisikhathi leso esibekwe ngumelaphi wendabuko futhi kube yizinsuku ezilandelanayo. Izigqabo zihlukene izigaba kukhona esenhlanhla, esokuvikela imimoya emibi, esukuthwala uma ufuna umcebo, esokuthandeka kanye nesamabhizinisi ukuze ahambe kahle.
Contents
1 Isigqabo senhlanhla
2 Isigqabo sokuvikela imimoya emibi
3 Isigqabo sokuthwalela umcebo
4 Isigqabo sokuthandeka
Isigqabo senhlanhla
Lesigqabo sivamise ukuthi sibe umbala obomvu sona uyakwazi ukuthi ugqume ngaso uma kufanele wenzenjalo. Kodwa kuvamise ukuthi izinyanga nezangoma ziyalele umuntu ukuthi akasifake emafutheni awasebenzisa ukugcoba umzimba wakhe. Ekufanele umuntu akuqikelele ukuthi lokho akugcobayo kusetshenziswa wuye kuphela ngoba kunenkolelo yokuthi uma kusetshenziswe ngomunye umuntu inhlanhla yakho izothathwa yilowomuntu. Iningi labantu elisebenzisa izigqabo bahamba nazo noma beyaphi ngoba akufanele zitholwe ngabanye.
Isigqabo sokuvikela imimoya emibi
Esokuvikela imimoya emibi sona sisetshenziswa umuntu ogulayo noma sisetshenziswe ekhaya uma sekulalwa sigcotshwe. Nalesi sigqabo uyakwazi umuntu ukugquma ngaso uma kukhona izinto ongaziboni kahle ebusweni bakhe. Noma umuntu uyagula uyakwazi ukuthi ugqume ngaso noma kade ehlaselwe imimoya imibi ebusuku uyakwazi ukuthi ageze ngaso ngokusifaka emanzini. Sona asinankinga noma ngabe omunye umuntu egula uyakwazi ukuthi umnike asisebenzise. Abanye abantu bazilengisa entanyeni uma belala ebusuku kuthiwa imimoya emibi kayisondeli nhlobo.
Isigqabo sokuthwalela umcebo
Esokuthwala kuvamise ukuthi umuntu asithole ngenkathi ephuma kothwala kumelaphi wendabuko oqondene nalokho. Ukuthwala kuhambisana kakhulu nokuceba ngalokho umuntu asuke ekufuna kakhulu. Ziningi izinto eziyamaniswa nokuthwalela ubucebi okungaba umuntu onomona ofuna ukuthi kube nguye yedwa othuthukayo, umuntu oseke wezwa ukuthi angasizakala ukwandisa umnotho wakhe noma umuntu ohluphekayo noma oxakekile ngoba efuna ukuphila impilo engcono. Uma uyothwala abantu abaningi basuke befuna ukuthi izinto zabo ziphumelele. Umuntu uyawathola lawo mafutha uma eseqedile ukuthwala khona ezomsebenzela.
Lawomafutha amanye avamise ukuthi abe yizilwane kodwa omunye umuntu ongeke azibone. Zaziwa umnikazi wazo kuphela. Isigqabo kujwayeleke ukuthi sifakwe noma sigcinwe ebhodleleni elincane elinganakekile. Abanye abantu banenkolelo yokuthi uma umuntu ethwele amabhodlela akhe ahlale evuliwe noma kukhona akufunayo ukhuluma kulona konke kuzokwenzeka. Ngoba kunezilwane ezikulelibhodlela elinomuthi ekuyizona ezithunywayo ukuyogila imikhuba.
Isigqabo sokuthandeka
Kubekhona izigqabo zokuthandeka. Lesisigqabo sicishe sifane nesenhlanhla kanye nezamabhizinisi ukuthi ahambe kahle. Siyasetshenziswa nangumuntu othanda ukuthandeka kungabe isemsebenzini noma ngabantu nje.
By: Nqobile Mdabe
Ngyasicela isigqabo