Isihlahla somgxamu siyisihlahla sendalo yalapha eNingizimu Afrika. Lesihlahla sihluma isithelo ekuthiwa ihluze, sithela ngesikhathi sasentwasahlobo. Umgxamu uthandwa kakhulu amacimbi. Lomuthi ubalulekile ezindaweni zabantu ngoba ubuye usetshenziselwe ukwelapha noma ukuzihlanza emzimbeni njengokuphalaza. Nasemfuyweni lomuthi uyasiza kakhulu ngoba amacimbi ayathokozelwa kakhulu yizinkukhu ngoba nabantu bayakwazi ukuwadla awabulali noma awanawo ubuthi obubulalayo. Ukwelapha
Uma umuntu efuna ukusebenzisa isihlahla somgxamu ukuzelapha kufanele akhe amagxolo aso.
Amagxolo atholakala esiqwini salomuthi. Okubalulekile ukuthi kufanele akhethe engaphakathi impela anombala obomvu. Lomuthi uyaphalaza ukukhipha ukungcola esifubeni futhi nezinsizwa ziyawusebenzisa ukuthi zithandeke kwabesifazane. Kunenkolelo yokuthi umuthi obomvu uhambisana nenhlanhla kubantu. Uma umuntu esewukhile uyawugxoba ube samvithi bese ewupheka isikhathi eside naye aze abone ukuthi usulungile. Kubalulekile ukupheka umuthi wesintu isikhathi eside kakhulu ukuze ukwazi ukwelapha izifo ezithile emzimbeni ngoba uma ungaphekekile awusebenzi kahle. Lowo ozowusebenzisa uyawubeka uthi ukuphola bese ewusefa ukuze kuphume amagxolo bese eyawusebenzisa. Lomuthi muhle ngoba usetshenziswa yiwowonke umuntu ekhaya futhi akukhethile ukuthi ngubani ozowukha ngaphandle uma umuntu wesifazane esezinsukwini zakhe zobudala kufanele awuhloniphe ngoba uzosha.
Amacimbi
Athandwa kakhulu yizinkukhu futhi awanawo ubuthi obubulalayo kuzo, ziyaqhubeka zikhule kahle. Amacimbi ayadliwa nangabantu ikakhulukazi izingane ezisakhula. Ziyawaqoqa abemaningi kuthi ngesikhathi sezizihlalele ziwose emlilweni adliwe njengenyama. Amacimbi ayadliwa ngabafana namantombazane akukhethile futhi athokezelwa yiwowonke umndeni. Abantu basezindaweni zasemakhaya bakholelwa ukuthi ukudla abakudlayo okwenza bangabinazo izifo eziningi noma bengaguli njalo uma beqhathaniswa nabantu abahlala ezindaweni ezisemadolobheni.
English Summary
This indigenous tree is used as a medicinal plants by everybody at home. From this tree you can find edible green caterpillar that is liked by chickens and people can also enjoy eating it especially children who collect the green caterpillars and roast them in a fire. To use this indigenous tree as medicine you have to use it’s bark, grind it and boil it until it is well cooked. It is very important that people who use traditional medicines and are required to cook it to do cook it well so that it can work well. This medicine can be used by everybody at home and it is believed to bring luck to the person who uses it. It is very popular with young warriors to attract young women.
By: Mbusiswa Zuma
100%
Camagu