Inhlawulo ekhishwa ngumamezala uma eshaye umakoti

Inhlawulo noma ukuxolisa kukamamezala uma eshaye umakoti wakwakheSibe nengxoxo nomama uMakhosazane Mdabe. Umama usixoxela ngenkinga eyenzekayo uma umamezala ebeka umakoti wakwakhe isandla noma emshaya ukuthi uma esefuna ukuxolisa wenza kanjani noma emngenisa ekhaya ngoba abanye omamezala ukungezwani kwabo kwakufika ezingeni lapho umakoti wayengangeni emzini. Izizathu ezinye kwakungaba nje ukuthi akathandwa umakoti. Umamezala umama ozala umkhwenyana … Read more

Kungabe umuntu ongayigqokanga inzila kufanele yini ayikhumule ngokwesiko

Thina bantu abamnyama noma aMaZulu sazi ukuthi umuntu uma ehanjwelwa yilunga lomndeni kufanele azile kodwa kuya ngokuthi ubani oshonile ngoba kunezigaba zakhona ezahlukene. Njengokuthi uma kushone inhloko yomuzi unkosikazi ugqoka inzila isikhathi esingangonyaka, uma kushone umamezala noma ubabezala kuba yisikhathi esifishane futhi ufaka okusaphinifa kanjalo noma kushone ingane kuba yisiphika esibekwa emahlombe. Lapha sibheka kakhulu … Read more

Izinkolelo zabantu ngezilwane

Imindeni noma abantu abaningi abamnyama imvelaphi yabo bayihlanganisa nezilwane ezithile abazihloniphayo kakhulu uma bezibona noma banezinkolelo ezithile ngazo. Kwabanye, kuyenzeka isilwane sichaze into ethile noma okuthile okusuke kuzokwenzeka ekhaya noma kumuntu. Abantu abaningi lezizilwane abazibulali noma ngabe ziyingozi kangakani ngoba basihlanganisa nedlozi labo. Uma kwenzekile kwakhona olimaza noma abulale lesilwane abantu banenkolelo yokuthi amashwa azokwehlela … Read more

Kungabe Liyini Ilungelo Lendoda Engene Umfazi Kamfowabo Efeni Lakhe

Ngibe nengxoxo noSizeni Shange ohlala endaweni yase-Inanda, Ohlange. Umama usixoxela ngendaba yokuthi uma indoda ingena unkosikazi kamfowabo kufanele ekugcineni itholeni uma sekuziwa ngezolobolo. Khumbula ukuthi phela umuntu uma engena unkosikazi kamfowabo usuke engamlobolanga, azikho izinkomo asuke ezikhiphile. Kusuke kuyinto ekusuke kuvumelene umndeni noma imindeni yabo bobabili ngayo. Nokuthi uma indoda ifuna ukungena isuke yazi kahle … Read more

Izinkolelo zabantu ezahlukene ngezinyoka

Abantu banezinkolelo eziningi ezingafani ngezinyoka ezahlukahlukene. Kukhona abantu abazisebenzisela ukwelapha okungaba ukusebenzisa izingxenye zayo noma ukuyigcina ngoba benenkolelo yokuthi ibanika amandla noma iyidlozi kubona. ENingizimu Afrika umthetho awuvumi ukuthi abantu bafuye izinhlobo ezithile zezinyoka njengomonyo nezinye. Sizobheka izinhlobo ezithile nezinkolelo zabantu ngazo njengomonyo, inhlwathi nobhulube. Contents 1 Umonyo 2 Inhlwathi 3 Ubhulube 4 English Summary: … Read more

Izindlela Zokuphila Nokuziphatha

Khumbula wethu: EsiZulwini yonke into iyabhekisiswa futhi kuyafundwa ezintweni esezenzekile esikhathini esingaphambili ukuze bonke abantu abeza ngemuva bangangeni enkingeni efanayo naleyo. Futhi kunezinkolelo eziningi abazilandelayo nabazihloniphayo, okungathi uma umuntu engakulandeli lokho okwenzekile azithole esezinkingeni: njengokuzalela ekhaya, ukuziphatha kukamakoti njalonjalo. • Njengokuthi umfana ekhaya akakwazi ukushada uma abazali bakhe bengazange bashadiswe ngokwesintu. Kunenkolelo yokuthi ukuze izinto … Read more