Izinkolelo ngonwabu nexoxo (Beliefs about a chameleon and a frog)

Kunezinkolelo eziningi mayelana nezilwane esizweni samaZulu lokhu kungaba okuhle noma okubi. Kulendaba sizogxila kakhulu ekusetshenzisweni kwalezilwane ngendlela yokuthakatha noma ngendlela embi. Kunabantu abanesiphiwo sokusebenzisa amakhambi okwelapha. Abanye basebenzisa nezilwane noma okutholakala ezilwaneni ukwelapha noma ukubulala. Lohlobo lwalaba abasebenzisa indlela engalungile bayakwazi nokuthi benze izulu lidume likade libalele lingakhombisi mvula. Kujwayeleke ukuthi kube yizimbangi ezithile noma … Read more

Izindlela Zokunqamula Imvula Enkulu

Ngezikhathi zakudala kwakuba khona izimvula ezazinetha ngamandla zinethe isikhathi eside uma kuqhathaniswa nesikhathi sanamuhla. Phela uma imvula isinetha isikhathi eside abalimi babengakwazi ukuthi balime nempilo yayingaqhubeki kahle. Kuthi uma ngabe sebelimile izitshalo zabo zazonakala noma zimuke namanzi. Kuthiwa izimvula lezo azifani nalezi zanamhlanje kwakuba imvula enamandla futhi ehambisana nezikhukhula noma iziphepho. Kuqala abantu babakhe ngodaka … Read more

Indawo Lapho Kufanele Izingxoxo Zamalobolo Zibanjelwe Khona

Udaba lokulobola lude futhi miningi imigomo nemithetho elandelwayo uma kuqala lesigaba. Okubalulekile ukuthi yomibili imindeni kufanele iqinisekise ukuthi ziyalandelwa zonke izinto ngendlela ezojabulisa nalabo abangasekho. Lapha sibheka ukuthi ilobolo kufanele likhokhwe komuphi umuzi. UMama uThembi Mdlalose usilandise kabanzi ngaloludaba. Ilobolo isiko elibalulekile lesintu lapho imindeni emibili engazani iqala yakha ubuhlobo ngoba izingane zabo sezifuna ukuganana. … Read more

Isiqunga

Isiqunga uhlobo lotshani olusetshenziswa kakhulu abantu abangamaZulu labo abakholelwa emadlozini. Isiqunga siyazimilela emahlathini nasezindaweni ezingamagquma nemihosha. Isiqunga utshani obukhula bubebude, nesidumbu esikhulu buyahaya uma ubuthinta, sinephunga elimnandi uma sesikhiwe. Umsebenzi wesiqunga omkhulu ukugeza. Isiqunga sisusa amathunzi amnyama kanye namabhadi. Isiqunga sisethenziswa ekhaya uma kushoniwe, sikhiwa nezimpande zaso siyagxotshwa bese sihlanganiswa namanzi, lawomanzi yiwo ekugezwa ngawo … Read more

Izinkolelo ngezinsumpa (Beliefs about warts)

Insumpa into ezimilelayo kumuntu kuba saqhubu. Zihlukene kathathu kukhona emnyama, empunga kanye nefana nebala lomuntu. Contents 1 Insumpa empunga 2 Insumpa emnyama 3 Insumpa efana nebala lakho 4 English summary Insumpa empunga nsumpa empunga kuthiwa iyakumila isuke ibika ukuthi uzothola abantwana babafana, ingavela noma ikuphi emzimbeni. Lensumpa iyakwazi ukuthi uyisuse emzimbeni ngokusebenzisa uluthi lomshanelo wotshani noma ingongoni uma … Read more

Incazelo Ngezingubo Zokwelapha Zesintu

Abelaphi bendabuko banezingubo abazigqokayo uma beqhuba umsebenzi wabo wokwelapho. Lezingubo noma izimpahla ziyakwazi ukuthi zibaveze njengabantu abenza lomsebenzi ngoba azigqokwa yinoma ngubani. Lapha sizobheka ukuhlukana kwazo lezingubo ngemibala nokuthi zichazani. Abelaphi bendabuko bahlanganisa izangoma, izinyanga nabathandazi. Kukhona labo abaneziphiwo eziningi umuntu eyedwa njengokuthi omunye abe yisangoba aphinde abe ngumthandazi. Ngokuhlukana nangokusebenza kwabo kunezimpahla zokugqoka abazisebenzisayo. … Read more