Khumbula wethu: EsiZulwini yonke into iyabhekisiswa futhi kuyafundwa ezintweni esezenzekile esikhathini esingaphambili ukuze bonke abantu abeza ngemuva bangangeni enkingeni efanayo naleyo. Futhi kunezinkolelo eziningi abazilandelayo nabazihloniphayo, okungathi uma umuntu engakulandeli lokho okwenzekile azithole esezinkingeni: njengokuzalela ekhaya, ukuziphatha kukamakoti njalonjalo.
• Njengokuthi umfana ekhaya akakwazi ukushada uma abazali bakhe bengazange bashadiswe ngokwesintu. Kunenkolelo yokuthi ukuze izinto zikulungele kufanele baqale benzelwe bona (bashadiswe) ngaphambi kokuthi lowomfana ashadelwe. Noma ngabe abasekho emhlabeni banenkolelo yokuthi kufanele lokhu kudlule.
• Umuntu otholele ingane ekhaya uba negama aqanjwa lona. Futhi basho noma yini kuyena ebuhlungu ukwenzela ukuthi angaliphindi iphutha alenzile nokuthi abe yisibonelo kulabo abamlamayo ukuthi bangakwenzi okufanayo. Futhi uzithola engangeni ezigabeni ezibekiwe njengokuthi omama, omakoti nezintombi. Babekwa bodwa babizwa ngokuthi amaqhasha noma ishiphalihleli. Loku kuholela ekutheni bagcine bengasayihambi imicimbi labo abazalele ekhaya ngenxa yehlazo labo.
• Uma kukhona intombazane ekhuliswayo ekhaya, ayisiniswa amantombazane asenezingane noma ngabe kungontanga yakhe lowo. Kunalokho kungasuke kuthathwe abancane kunaye ukuthi bamsinise.
• Uma kunomcimbi ngokwesintu kufanele kukhishwe izithebe ngokuhlukana kubekhona esamakhosikazi, esamantombazane noma izintombi, esomakoti, esezalukazi, esabafana noma izinsizwa, esobaba, esomkhulu, njalonjalo. Kuthiwa umfana ongakaganwa akabaqobeli obaba inyama ngaphandle uma kuyibona abamcelile.
• Bekuba ihlazo ukuthi umfana alobole intombi esinengane yomunye umuntu, umama kamfana ubelwa ngoba phela umfana uzothela umuzi wakhe ngehlazo.
• Uma intombi isiqomile yamisa iduku kuthiwa kubokansizwa leyo eqonyiwe izalukazi zakhona bezithanda ukubhekisisa leyontombi noma ngabe bahlangana nayo endleleni. Ukuze bayihlole bayibheke emaswebeni nokunyakaza kwengalo ukuthi isayintombi nto yini. Kweminye imizi kuthiwa uma sebezokhipha izinkomo zamalobolo izalukazi zakhona ziyaye zifuna ukuzihlolela zona intombi leyo ukuqinisekisa ukuthi isagcwele. Uma kwenzekile bathola ukuthi akuseyona intombi kuphuka inkomo eyodwa bese bethuma yona ukuthi iyochaza kubo ukuthi inkomo kayise wayo yasalaphi.
• Uma usengumakoti osemncane awuhambi noma ikanjani ebaleni lakandoda. Kunezimpahla zokugqoka ekufanele uzigqoke ezikhombisa isigaba osungene kusona.
• Uma umakoti esanda kugana bese kuyashonwa emzini, kuthiwa umakoti kumele abophe imithwalo yakhe agoduke kuze kube kuyathunwa bese eyabuya sekugezwe namafosholo noma amapiki. Kuthiwa isizathu salokhu yingoba usuke engakabikwa emadlozini, njengoba sekushoniwe abantu bomndeni bazobe behlangene kanjalo nabangasekho bazobe bekhona bazothi ubani lo, bathi nezindlu zisuke zisebenza zonke ngaleyondlela usuke engenayo indawo azohlala kuyona ngoba kuzobe kugcwele. Uma engekho amantombazane kulowomuzi kuthathwa izihlobo zizolekelela ngomsebenzi. Umakoti kuphela ongavumelekile ukuthi aye emngcwabeni abakubo bayaya. Uma sekudlule umgcwabo sekugeziwe nezandla uyabuyela emzini kodwa akahambi elengise izandla kufanele afike ethwele ukudla.
English Summary
Below are examples of the article above:
In some communities it is a taboo to have children out of wedlock especially for a girl because she was given more hard work to do at home, she was set as an example to those younger than her so that they would not follow in her footsteps. And most of all she was subjected to not getting married because there was no family that was going to accept a young bride with another man’s child. During ceremonies in the community she was an outcast because she doesn’t belong to any set group for instance old women; young brides; girls and so forth.
When there is death in a groom’s family, a young bride who has not been introduced formally to the ancestors was expected to go back to her family until after the funeral. When coming back she was expected to bring back food.
By: Nelisiwe Hlongwane