Izinkolelo zesintu ngokuvezwa ngamadlozi ekhaya

Amadlozi abantu abangasekho emhlabeni bomndeni othile. Kunenkolelo yokuthi noma bengasekho emhlabeni kodwa bayakwazi ukubheka umndeni bawuvikele noma bawuvezele izinkinga ezikhona ekhaya. Kuningi okufihlwa ngabantu abasaphila emhlabeni ngoba bengabonwanga ngabanye bekwenza kodwa amadlozi awafihleleki lutho futhi ayakwazi ukuziveza lezimfihlo. Lapha sibheka izimfihlo ezivezwa ngamadlozi ngokwenzeka kwezinto ezithile ekhaya. Okubi ngezinto ezifihliwe uma sezivela kuba yihlazo ngoba … Read more

Imikhuba Yabantu Elandelwa uma Kushoniwe

Umngcwabo uyakwazi ukuthi uhlehliswe uma kunezinkinga ekhaya. Umuntu ubengcwatshwa amalunga omndeni engekho ngoba bebengamhlalisi isikhathi eside, labo abangekho bebephonsa itshe uma sebefikile. Umuntu ozilile uyakwazi ukuthi ayikhumule inzila uma sekufike isikhathi sokuyikhumula kodwa engenayo imali yokwenza umsebenzi omkhulu. Kodwa akufanele ishiswe umsebenzi ungakenziwa. Uma umuntu ezilile uyakwazi ukuyikhumula uma engaphilanga, ngoba kuthiwa iyacindezelana futhi akudingeki … Read more

Izinkolelo zesintu (Zulu Myths)

Siyindlu emnyama sinezinto esikholelwa kuzo. Zazishiwo abazali bethu ukusixwayisa ekwenzeni izinto noma siqikelele singenzi noma ikanjani, uzihloniphe ungumuntu uhloniphe nalapho uphuma khona. Ezinye zazo zingamaqiniso mewuzilandela ezinye kugcine kungenzekanga lutho njengokuthi: Uma ugqoka ibhulukwe lesoka ukhulelwe siyachitheka isisu Uma ugovuza ibhodwe ngesipuni noma ngophini bese usulela esandleni ngenhloso yokuzwa usawoti, bathi isoka lakho liyakubamba mewulibhanqile … Read more

Izindlela Zokuziphatha uma Kushoniwe

Imikhuba yezigodi noma indlela abantu abenza ngayo izinto uma beshonelwe ikakhulukazi ukuzila. Imvamisa singabantu kunezinto ezisilawulayo empilweni, nesibona ngazo ukuthi impilo imi kanjani noma zisitshele ukuthi imiphumela izothini esimweni esithile. Okunye sizwa kukhulunywa ngakho abadala kanti okunye kuba isiga esenzekayo. Uma kushoniwe noma ushonelwe kunezinto okumele uzenze noma uzilandele ukuze ungabi namashwa noma ukuhlonipha umuntu … Read more

Izibizo zelobolo zinikwa bani uma kuxabene umndeni

Izibizo yizipho ezilethwa ngabasekhweni uma kulotsholwa intombi, yilezi ezibizwa ngezingxoxo zokuqala zamalobolo. Lapha sizobheka ukuthi uma umndeni ungezwani noma ungangenelani lezizipho kungabe zinikezwa abantu abaqondene nazo ngempela yini. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi kukhona imindeni engangenelani ngenxa yezimo ezithile. Kuthiwa esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube omakoti abaxoshwa emzini bahambe nezingane umuntu azakhele umuzi wakhe yedwa. Uma isimo … Read more

Imikhuba Nezinkolelo Ezenziwa Ngabantu Besilisa Ukuvikela Imishado Yawo

Emandulo lapho obaba bemizi babesalwa izimpi zezigodi noma zamakhosi noma behambe ngokomsebenzi beya ezimayini okwakubenza behamba isikhathi eside bengekho emakhaya. Ukungabikho komnumzane ekhaya ngenxa yalezizithu kwakungeyona into engajwayelekile emphakathini noma endaweni abayakhele. Ngalokho ziningi izimo noma izinto ezazenza nokuthi ukuthembana ekhaya kungabikho njengokuthi umnumzane uzobona kungumsebenzi wakhe ukuthi avikele umuzi wakhe noma ekude nawo. Lokho … Read more