Umlando Wesibongo SakwaNtombela

Umlando wakwaNtombela Nezithakazelo zabo Mahlobo! Mpangazitha! Nin’ enipheka ngembiz’ ende Isibong’ esibi Esingabizwa ngabalandakazi Sisindi somtshiki Nin’ enishay’ impukane ngesibhakela Niyinqamul’ amathumbu Nina bakwaMalandela Nin’ enizal’ uZulu Nina bakwaDambuza Nina bakwaLuswazi Dlukula! Nzuza! Sishosho sikaPhunga noMageba. Umlando wabo Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNgobese

Abantu bakwaNgobese batholakala endaweni yaseNtaba-Ntuzuma ngakwaNobamba eMahlabathini enyakatho neKwaZulu Natali. AbakwaNgobese ngabaseMaQungebeni. Emandulo babehlala emigedeni abantu baze bacabanga ukuthi bangamazimuzimu kwasiza ukubonakala kwemfuyo eningi esingabala izinkomo, izimbuzi kanye nezitshalo ezazilinywa ukuthi babengowona amazimuzimu. Bavelela kakhulu ngesikhathi iNkosi uSenzangakhona kaJama Zulu ethatha isithole sakwaNgobese, uMphikwase ozale inkosi uDingane. UMphikwase waba nguNdlunkulu wesithupha. Bakhishwa emigedeni ababehlala kuyo … Read more

Umlando Wesibongo SakwaMtshali

Abantu bakwaMtshali batholakala endaweni yaseNtabankulu uma udlula eFilidi enyakatho yesifundazwe saKwaZulu Natal. Njengokujwayelekile isibongo sakhiwa umkhuba noma yikhono lomuntu lowo. UMtshali uthathelwe ekutshaleni. Kuthiwa kwakunendoda eyayinekhono ekulimeni yonke into eyayiyitshala yayithela kakhulu. Abantu bagcina ngokuyiqamba ukuthi uMtshali kwase kwakheka isibongo sakwaMtshali. UMtshali wayezalwa nguMabhedla. UMabhedla owayenamadodana amabili okunguye uMtshali noMlambo. UMtshali uzale uKhondlo, uKhondlo nguye … Read more

Umlando Wesibongo SakwaMtolo

Isizwe sakwaMtolo ngesinye sezizwe zokuqala ezazinza ezintabeni zoKhahlamba. Ukufika kwabo lapha, babengahambi bodwa, babehamba nabakwaZizi izihlobo zabo ezinkulu. UKhahlamba ngenxa yokuthi izintaba nemihhume, abaThwa bebehlala khona futhi ibona okusolakala ukuthi abokuqala kulezizintaba. Loluhambo lakwaMtolo olubaholela ezintabeni zoKhahlamba, bahamba baholwa nguDlangamandla umholi owayengamandla ekuphakeni impi uma efika endaweni, wayeqala azame ukwakha ubuhlobo, bese elwa uma isizwe … Read more

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo

Abantu bakwaMhlongo imvelaphi yabo ayicaci kahle kodwa kusolwa ukuthi kukhona ukuxhumana okuthile nabakwaDlamini. OMhlongo babizwa ngokuthi ngabaseLangeni okuyisithakazelo sabo. Babakhe eMthinemide kwehle njalo kubheke koMfanefile, eNtembeni, kuze kuyoshaya ngaseNingizimu neNkwalini. Umlando wabantu bakaMhlongo mkhulu futhi baziwa njengabantu abavelela kakhulu futhi kubona kuzalwa amaqhawe namaqhawekazi. Sibathola beholwa nguMhlongo kaNqeshe kaSililo. UMhlongo wayengesiyona inkosana kaNqeshe kodwa inkosana … Read more

Umlando Wesibongo SakwaMbhele

Abantu bakwaMbhele bazalana kanye nabakwaNtuli kanye nabakwaShabangu. Banobuhlobo nabaseMaHlutshini. UMbhele wayelamana noZingili noNkosi II (wesibili) ogcine ezala abantu baseMaHlutshini. UZingili ugcine ezala isizwe samaZingili, uMbhele uzale isizwe saMaBhele. Bobathathu bebezalwa nguDlamini II (wesibili) obebusa eSwaziland okusibeka ekutheni baphume kwaDlamini. Lababantu basemigedeni ngabasentabeni yaseLenge, ngasemfuleni iWasbank ngaseMnambithi. Ngabantu laba abebefuyile, imfuyo yabo idla eduze nemigede yabo. … Read more