Umlando Wesibongo SakwaMtshali

Abantu bakwaMtshali batholakala endaweni yaseNtabankulu uma udlula eFilidi enyakatho yesifundazwe saKwaZulu Natal. Njengokujwayelekile isibongo sakhiwa umkhuba noma yikhono lomuntu lowo. UMtshali uthathelwe ekutshaleni. Kuthiwa kwakunendoda eyayinekhono ekulimeni yonke into eyayiyitshala yayithela kakhulu. Abantu bagcina ngokuyiqamba ukuthi uMtshali kwase kwakheka isibongo sakwaMtshali.

UMtshali wayezalwa nguMabhedla. UMabhedla owayenamadodana amabili okunguye uMtshali noMlambo. UMtshali uzale uKhondlo, uKhondlo nguye owabayinkosi enkulu endaweni yaseNtabankulu futhi wayesatshwa. UKhondlo wafa ngesikhathi sokubusa senkosi uShaka yaMaZulu ngesikhathi ihlanganisa izizwe. UKhondlo wayenamadodana okunguHlangabeza noHlabangane. UHlangabeza wafa ngaso isikhathi sikaShaka ebaleka nezinkomo zikayise. UHlabangane wasinda wazala uMagalela. UMagalela wazala uMantshinga. UMantshinga wazala uNsele yena wazala uMduna kwathi uMduna wazala uShishi.

UShishi kaMduna wabalekela endaweni yaseZimbabwe, bahlala kwaBulawayo ngesikhathi sazo izimpi zikaShaka bebaleka noMzilikazi kaMashobane. UShishi nabantu bakhe bafike bazibiza ngoHlabangane igane likakhokho wakhe. Kuthiwa abafunanga ukuganiselana nabantu baseZimbabwe baganiselana bodwa nabantu bakaMzilikazi okwenza ukuthi buphele ubukhosi bakwaMtshali ngalesosikhathi. Enye indodana kaMabhedla nguMandeku ozale uShangu kwathi uShangu wazala uVezi. UVezi wazala uMdineka, uMdineka wazala uNhlabathi, uNhlabathi wazala uManzi.

Omunye wozalo lwakwaMtshali, uMkhathini wakhulelisa intombi yakwaMtshali waxoshwa esizweni wabizwa ngokuthi uJiyane ngoba ejiyise isizwe ngomkhuba omubi awenzile. Saqhamuka ngalendlela isibongo sakwaJiyane. UMkhathini uzale uMkhabisanyathi owagcina esedume ngelikaMagolwana owaba yimbongi kaDingane noMpande. UMagolwana wabanezingane ezingama 217. Abantu bakwaJiyane batholakala endaweni yaseMazungeni ngaseBabanango lapho kutholakala nenkosi yabo khona. Indawo yaseNtabankulu yagcina ithathwe yisizukulwane sikaMagolwana behlula abakwaMtshali.

Izithakazelo zakwaMtshali
Mtshali!
Hlabangane!
Mantshinga!
Wen’ ongacoshi nabafokazane!
Nsele kaLinda Mkhonto!
Khondlo,
Gebisa,
Mlambo!
Ndima kazilingani nezabafokazane!
Wena Magalel’ ogasele njengeNgonyama!
Wen’ ongene nesikhuni emanzini sivutha,
Waphuma naso sivutha futhi!

Lezi ezingezansi zibhalwe nguET Sithole, Izithakazelo Nezibongo ZakaZulu

Hlabangani!
Mahlab’ ahlikize.
Nina bakaJujumbe kaChomeni
Magalel’ agase njengengonyama
Mantshinga lonsele
Nina bakwaLinda ngomkhonto
Gebisa!
Vezi!
Mlambo!
Nduna!
Magalela ngokugalel’ umuzi wendoda
Ndab’ osetsheni!
Nkombayi!
Zikode!
UNtselenduna ngokuthwal’ isila sensele
Nin’ enaxoshwa kwaMlambo
Nawel’ umlambokazi.

English Summary: History of Mtshali Surname

Mtshali is derived from the name ‘tshala’ meaning to plant. There was a man who was good at planting crops such that people called him ‘Mtshali’ meaning ‘the planter’. This became his first name. Mtshali people are situated in the North Coast of KwaZulu Natal in a place called Ntabankulu after Vryheid. Mtshali’s father was Mabhedla. Mabhedla had Mtshali and Mlambo and another son of Mabhedla was Mandeku. Mtshali’s son was Khondlo who became a well-known and feared chief of the clan. Khondlo was killed by King Shaka. Khondlo had two sons Hlangabeza and Hlabangane. Hlangabeza was also killed. Hlabangane’s son was Magalela whose son was Mantshinga whose son was Nsele. Nsele’s son was Mduna whose son was Shishi. The Mtshali clan was led by Shishi of Mduna when they ran away from Shaka with Mzilikazi kaMashobane. And they settled in KwaBulawayo, Zimbabwe. They called themselves by their great grandfather’s name Hlabangane. Mandeku, another son of Mabhedla had a sone called Shangu whose son was Vezi. Vezi’s son was Mdineka whose sone was Nhlabathi then Manzi. During Mtshali’s time there was a man related to Mtshali called Mkhathini who impregnated his sister and he was chased away from his home and clan and they named him Jiyane hence the beginning of Jiyane surname. Mkhathini’s son was Mkhabisanyathi who was well known as Magolwana and he was a praise singer or poet of Dingane and Mpande. Magolwana had 217 children. Jiyane people are situated at Mazungeni after Babanango.

Mabusi Kgwete

Source: Ilanga Newspaper. February 13-15. Page 8

27 thoughts on “Umlando Wesibongo SakwaMtshali”

  1. thanks for the article Mabusi,

    but can you reference sources to support your article.

    Regards
    TF Mtshali

    Reply
  2. Guys I would like to know if u Mlambo had any kids, there is no mention of Mlambo’s kids. When I go to msamo I always mention the kids and grandchildren of Mandeku and Mtshali and I don’t mention those of Mlambo. That’s how I’ve been taught but Its worrying me.

    Reply
  3. Mina ngazi ukuthi singabokudabuka eSwaziland sehla sayothi qubasha phezukomfula ihluhluwe.sasuka sayozinza ebaqulusini kwantabaNkulu.amakhosi ethu lapho abusa isizwe nguKhondlo, uMlotha yayingabusi iNkosi yasemaNtshalini ingawathathanga amandla ezizibeni zikaKhondlo ezimbili.lakhona okwakubulawa inkabi yenkomo ihlahlelwe kahle bese kubikwa kuhaywa izingoma zamabutho kuphinde kuhubwe ihubo lesizwe sakwaMtshali kucelwe kucelelwe amandla iNkosi ezobusa maqede kufakwe yonke inyama yaleyo nkomo esizibeni.nakanjani liyoshona nemvula. Phela abakwaMtshali babenentelezi enzimakakhulu yokunisa izulu zinethe zibe umdica izitha kugobe amahawu lentelezi bavelanayo eSwazini.yiyona eyenza ukuthi kuqinisekiswe ukuthi lesisizwe sihlakazwe ngesikhathi seLembe ngoba babebona ubungozi obukhulu kuso.

    Nanamuhla umuntu wakwaMtshali ma ezoba nomcimbi okanye ezofihlwa liyafika iZulu line kungaba ukuthi lina umcimbi ususondele noma ngalo ilanga lomcimbi, noma ngalo ilanga afihlwa ngalo umuntu wasemantshalini.ONGAKAZE ANAKE AKAQALE AKUNAKE LOKHU.

    Okwami ukubona ukuba sibuyele kuso isiziba sikhulume esikufunayo njengesizwe.nezwe lethu liyobuya sihlelizinkalozonke nje asithandi phela thina ukulima kuyasivuma kungaba uKufuya njalonjalo siko Mtubatuba nje asithandi silima lusizi.

    Reply
  4. UMkhathini(Jiyane) lo owakhulelwisa udadewabo wayezalwa ubani yena? Nodadewabo loyo wayewubani,ezalwa ubani?
    Ngiyabonga nisazophendula,ave ubalulekile bakithi umlando ukuze sizokwazi ukuwudlulisela ezinganeni nasezizukulwaneni zethu.

    Reply
  5. Hi thank u so much ngomlando weth…but mina bafowethu nginenkinga ngilahlekelwa umndeni wami ….ubaba wami kuthiwa wahamba kudala waya eswazini wayosebenzi ehamba nenye indoda yakwaMathenjwa …mina uBaba wangizala khona eSwazini…sinabafowethu abane …ubaba usishiye emhlabeni ngo 1998 engasitshelanga imvelaphi yakhe …manje ave kubuhlungu ngoba asazi kufanele sibhekephi….singabafana siwu-3 kwashona oyedwa besekuba intombazana eyodwa they are both in Swaziland..mina im currently here in South Africa….and iam the last born…the worst thing is i last saw my brothers and my sister in 2006 …please help 😢😢😢😢 0714156778 at least mangingathola umndeni kaBaba wami

    Reply
    • Hi, I’m Tumelo from Lesotho. Thank you for the article, do you have any history as to how Mtshali ended up in Lesotho? Because there’s plenty of us here and we even have a village named ManTshalini and we trace our roots back to KZN. Can you please assist. Thank you.

      Reply
  6. Siyabonga ngolwazi, impela Sibiya eswazini. Mabhedla is the son of Sobhuza1 ( Somhlolo). Singabo Dlamini ngokuphelele, uMlambo noMtshali isibongo sabo oDlamini. uMlambo isehlakalo, uMtshali isehlakalo. uMabhedla uyise wabo uDlamini. Ngiyabonga sizwe sikababamkhulu

    Reply
  7. My great greatgrand father name is Madodenzani who had a son called Wabayi who is my grand father. That’s all we knew about our family. We don’t know if you’re was a brother to Madodenzani or even to Wabayi. Anyone who can help we will appreciate 078 341 1176 Captain Mtshali. We would like to know of where exactly we came from. We were born in Roosboom or Goodhope between Colenso and Ladysmith., Jzn. Thanks

    Reply
  8. Hi
    Looking for my father’s brothers and sisters, he was Dlayedwa James Mtshali from Endwedwe, his father I’m told was Sphapho

    Reply

Leave a Comment