Izibongo zikaNandi noMkabayi kaJama

Izibongo zika Nandi no Mkabayi Njengoba kulenyanga edlule (Ncwaba) bekubungazwa ngayo igalelo labesimame kuleli, ngithi nje ake ngilobe ngezibongo zembokodo ebeneqhaza elikhulu embusweni kaZulu, ngokuzala amakhosi kanye nokusikhulisela wona lamakhosi belu. Lana sibala Indlovukazi uNandi inzalabantu, unina weLemb’ eleqa amanye amalembe ngokukhalipha, ngisho uNodumehlezi kaMenzi. Kanye nengculabuchopho, uMkabayi kaJama. UNandi! USomnqeni. UMathanga kawahlangani, Ahlangana ngokubon’umyeni. … Read more

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo

Abantu bakwaMhlongo imvelaphi yabo ayicaci kahle kodwa kusolwa ukuthi kukhona ukuxhumana okuthile nabakwaDlamini. OMhlongo babizwa ngokuthi ngabaseLangeni okuyisithakazelo sabo. Babakhe eMthinemide kwehle njalo kubheke koMfanefile, eNtembeni, kuze kuyoshaya ngaseNingizimu neNkwalini. Umlando wabantu bakaMhlongo mkhulu futhi baziwa njengabantu abavelela kakhulu futhi kubona kuzalwa amaqhawe namaqhawekazi. Sibathola beholwa nguMhlongo kaNqeshe kaSililo. UMhlongo wayengesiyona inkosana kaNqeshe kodwa inkosana … Read more